VP044350

ISICELO SOKWAMUKELWA KWEZINHLELO ZOKUPHATHWA KOKUNAKEKELWA EZIHLOBENE NENETHIWEKHI EKHONA YAMAPAYIPI YAKWASASOL EWELA EZIFUNDAZWENI ZASEGAUTENG, MPUMALANGA, NORTH WEST KANYE NEFREE STATE ISIMEMO SOKUBHALISA NJENGABANTU ABANENTSHISEKELELO NOMA ABATHINTEKAYO NOKUBAMBA IQHAZA OHLELWENI I-SRK Consulting South Africa (Pty) Ltd (SRK) yazisa umphakathi, ngokuhambisana neMithethonqubo YokuHlolwa Komthelela Wezemvelo wezi-2014 (njengoba ichitshiyelwe), eyakhishwa ngaphansi koMthetho Kazwelonke Wokuphathwa Kwezemvelo (National Environmental Management Act
•NEMA, uMthetho No. 107 ka-1998, njengoba uchitshiyelwe), ukuthi sekufakwe isicelo sokwamukelwa Kwezinhlelo Zokuphathwa Kokunakekelwa ezihlobene nenethiwekhi ekhona yamapayipi akwaSasol etholakala ezifundazweni zaseGauteng (GP), Mpumalanga (MP), North West (NW), kanye neFree State (FS). INCAZELO YEPHROJEKTHI: I-Sasol yenza imisebenzi eminingi yokugcina inethiwekhi yayo yamapayipi isesimweni esihle futhi iphephile. La mapayipi athutha igesi ye-methane, igesi yemvelo (natural gas), i-ethylene, i-ethane kanye ne-liquid propylene. Inethiwekhi yamapayipi yakwaSasol iyingqalasizinda ekhona, futhi iningi layo lafakwa ngaphambi kokuba kushicilelwe iMithethonqubo ye-EIA. Amapayipi afakwe kamuva, lapho kwakudingeka khona Izimvume Zezemvelo, afakwa ngokuhambisana nalezo zimvume. Nakuba ukunakekelwa okuhleliwe kwenziwa njalo kule nethiwekhi yamapayipi, iningi lomsebenzi wokulungisa livela ngokungalindelekile ngenxa yokuthi amapayipi amadala futhi amaningi awo angaphansi komhlaba ukuze avikelwe ekuguquguqukeni kwezinga lokushisa nasekucekelweni phansi ngabantu. Lokhu kungabangela ukuthi ubuqotho bamapayipi bube sengozini. Ezimweni ezinzima kakhulu, amapayipi alimele kungase kudingeke ukuthi ashintshwe ngokuphelele. Ngakho-ke, lezi Zinhlelo Zokuphathwa Kokunakekelwa (MMPs) zihlanganisa, kodwa azigcini nje ngokwenza, ukuhlolwa okuvamile kwamapayipi ukuqinisekisa isimo nezici zawo, ukusiza ekuthathweni kwezinqumo mayelana nokulungiswa okungase kudingeke kanye nokuhlelwa kokuhlolwa kobuqotho besikhathi esizayo, kanye nokwenza umsebenzi wokunakekela nokulungisa amapayipi. Le misebenzi izokwenziwa ngaphakathi noma eduze kwemifudlana neminye imizila yamanzi, kanye nasezindaweni ezaziwa ngokuthi ama-Critical Biodiversity Areas (CBAs) noma ama-Ecological Support Areas (ESAs). IZIDINGO ZOMTHETHO: UMthetho Kazwelonke Wokuphathwa Kwezemvelo kanye neMithethonqubo ye-EIA (2014, njengoba ichitshiyelwe) kudinga Izimvume Zezemvelo emisebenzini ethile ebaliwe. Kumapayipi akwaSasol awela eGauteng, Mpumalanga, North West kanye neFree State, le misebenzi elandelayo iyasebenza. Isaziso Sokufakwa Ohlwini 1Umsebenzi Umsebenzi 19*Ukugcwalisa noma ukufaka izinto ezingaphezu kwama-10 m emzileni wamanzi, noma ukumba, ukususa noma ukuhambisa inhlabathi, isihlabathi, amagobolondo, amatshe amancane noma amadwala angaphezu kwama-10 m emzileni wamanzi. Umsebenzi ohlongozwayo uzobandakanya ukumba nokususa izinto ezingaphezu kwama-10 m ngaphakathi komngcele ochaziwe womzila wamanzi. Umsebenzi 27* Ukususwa kwezitshalo zemvelo endaweni engu-1 hectare noma ngaphezulu kodwa engaphansi kwama-20 hectares. Lo msebenzi ungase usebenze lapho kususwa izitshalo zemvelo ezingaphezu kwehectare elilodwa, isibonelo ngaphakathi kwendawo ye-servitude kanye nezindawo ezivikelayo zamaxhaphozi. Isaziso Sokufakwa Ohlwini 2Umsebenzi Umsebenzi 15*Ukususwa kwezitshalo zemvelo endaweni engu-20 hectares noma ngaphezulu. Lo msebenzi ungase usebenze lapho kususwa izitshalo zemvelo ezingaphezu kwama-20 hectares, isibonelo ngaphakathi kwendawo ye-servitude kanye nezindawo ezivikelayo zamaxhaphozi. Umsebenzi 24*Ukukhipha noma ukususa i-peat noma inhlabathi ene-peat, kuhlanganise nokuphazamisa izitshalo noma inhlabathi kulindeleke ukuthi kukhishwe noma kususwe i-peat noma inhlabathi ene-peat. Lo msebenzi ungase wenziwe emaxhaphozini aziqukethe i- peat noma inhlabathi ene-peat. Isaziso Sokufakwa Ohlwini 3Umsebenzi Umsebenzi 12* (b), (c), (f), and (h) Ukususwa kwezitshalo zemvelo endaweni engu-300 square metres noma ngaphezulu. Lo msebenzi ungase usebenze lapho kususwa izitshalo zemvelo ezingaphezu kwama-300 square metres ngaphakathi kwexhaphozi noma ezindaweni zalo ezivikelayo. *Imithethonqubo icacisa ukuthi le misebenzi ayidingi Izimvume Zezemvelo uma yenziwa ngenhloso yokunakekela ngokuhambisana noHlelo Lokuphathwa Kokunakekelwa (MMP) olwamukelwe. Ngakho-ke, lesi sicelo esama-MMP hhayi sokuGUbyazwa kweMvelo. UMFAKISICELO WEPHROJEKTHI: Sasol Gas (Pty) Ltd INDAWOYEPHROJEKTHI: Inethiwekhi yamapayipi yakwaSasol idlula ezindaweni ezisemiphakathini ehlukahlukene nakomasipala bendawo nabesifunda ezifundazweni zaseGauteng, Mpumalanga, North West kanye neFree State. UCHWEPHESHE WOKUHLOLWA KWEZEMVELO: I-SRK iqokwe ukuthi iqhube inqubo yesicelo sama-MMP. ISIMEMO SOKUBHALISA NOKUBAMBA IQHAZA: Bonke ababambiqhaza bayamenywa ukuba babhalise kungakapheli noma ngomhla zingama-24 kuJulayi 2026. Ababhalisile bazonikezwa ithuba lokuphawula ngoHlelo Lokuqala lwe-MMP (Draft MMP). Ukuze kunikezwe uChwepheshe Wokuhlolwa Kwezemvelo (EAP) isikhathi esanele sokuphendula imibuzo nokukhathazeka ngendlela ephelele, kunconywa ukuthi imibono ithunyelwe kusenesikhathi. UKUBHALISA, UKUTHUMELA IMIBONO NOMA UKUCELA ULWAZI OLWENGEZIWE, SICELA UXHUMANE NALABA: Mnu Vusi MasangoDkt Laetitia Coetser +27 (0) 12 361 9821+27 (0) 12 361 9821 VMasango@srk.co.za LCoetser@srk.co.za Inombolo Yephrojekthi ye-SRK: 628583

Reference Number: VP044350

View All Classifieds View Legal Notices Entries

Back to top button