Spar Superstars Intshonalanga 2024

TOP BANNER 1

Vote for your favourite SPAR School Superstar

Help them win a R300 SPAR Shopping Voucher and put them in the running to win R5000 in the KZN SPAR School Superstar competition

Junior Primary July

Nontando Hlangothi

Ekujabuleni Primary School

Uzihambela yedwa kuZibalo Nesingisi

Read More

NGOKUSHO kothisha baNontando Hlangothi, ungumfundi ozihambela yedwa kuzifundo okubalwa iZibalo neSingisi egumbini afunda kulona.

UNontando ofunda uGrade 3 (A), ubuye adume ngokuhlonipha nangokuba usizo kozakwabo abadinga usizo kuzifundo ezihlukene. Naye uNontando (9) uveze ukuthi ungomunye wabafundi abanothando lokwenza izifundo zobudokotela e-Ekujabule Primary School.

Othisha bakhe bathi bayathemba ukuthi lomfundi uzophumelela empilweni ngoba uyahlonipha, uyabuza uma engaqondi okuthile, uyazimisela futhi uyazi ukuthi ufunani empilweni. Uveze ukuthi okumenza athande ukuba usizo kozakwabo ukuthi naye uyaluthola usizo kubo uma eluding kuzifundo ezihlukene.

OkaHlangothi uthe isizathu sokuba athande izifundo aphumelela ngamalengiso kuzona ukuthi zingena kalula engqondweni yakhe. Kusuka engene kulesikole uNontando usezuze izindondo nezitifiketi ezihlukene ngenxa yokuphumelela ngamalengiso kuzifundo ezihlukene.

Lomfundi uthi isifiso sakhe uma esephothule umatikuletsheni ukwenza izifundo zokuba udokotela kwesinye sezikhungo zemfundo ephakeme kuleli. “Okungenza ngifune ukuba udokotela ukuthi ngiyabathanda abantu futhi ngiyathanda ukubasiza, ikakhulukazi uma begula. Ngifisa ukuzibona ngingudokotela ohlonishwayo kuleli eminyakeni ezayo,” esho.

Uthe: “Ngiyacabanga ukuthi into eyenze ngiphumelele ngamalengiso kulezifundo ukuthi ngiyalalela uma uthisha efundisa kanti futhi ngiyabuza kuthisha uma kukhona lapho ngingaqondi khona.”

Lomfundi uveze ukuthi inhloso yakhe ukwenza umehluko kumkhakha wezempilo kuleli nokunikeza uthando abaludingayo. Uthe uma engayile esikoleni wenza imisebenzi yesikole yasekhaya, afunde bese enza nemisebenzi yasekhaya.

Thando Mnguni

Ekujabuleni Primary School

Ubaqwaqwada amakhanda ozakwabo kuzifundo

Read More

AKACONSI phansi kozakwabo nakothisha base-Ekujabuleni Primary School umfundi uThando Masibonge Mnguni ngokwenza ezibukwayo ezifundweni.

Ngokusho kothisha bakhe uThando, uzihambela yedwa Ezibalweni, kuTechnology neSocial Science. Uthe lezifundo zimenza ukuba azi kabanzi ngokwenzeka emhlabeni nokuqhamuka nezinto ezintsha ezingashintsha izimpilo zabantu.

Lo mfundi (10) owenza uGrade 5, ubonga othisha ngokwenza umehluko empilweni yakhe. “Othisha bami bangixhasa kakhulu uma ngidinga usizo noma kukhona engingakuqondi. Ukuzimisela kwami nokusebenza kanzima ikhona okwenza ngiphumelele ngamalengiso izifundo eziningi,” kusho uThando.

Udalule ukuthi uma esephothule umatikuletsheni unesifiso sokwenza izifundo zobudokotela kwesinye sezikhungo zemfundo ephakeme kuleli. “Okungishaya umxhwele ngokuba udokotela ukuthi ngizokwazi ukuqhamuka namakhambi okwelapha izifo ezingumbulalazwe, ngiphinde ngikwazi ukubasiza kuzifo ezihlukene. Kungiphatha kabuhlungu ukubona abantu abagulayo behaye imigqa emide ngenxa yokushoda kodokotela kuzibhedlela zakuleli,” esho.

UThando uveze ukuthi ukuzimisela nokusebenza kanzima ikhona okumenza aphumelele ngamalengiso egumbini afunda kulona. Udalule ukuthi ukuphumelela ngamalengiso izifundo phambilini kumenze wahlomula ngezindondo ezihlukene.

Lomfundi uthe ngezimpelasonto noma engayile esikole uchitha isikhathi sakhe ngokufunda izincwadi ezihlukene, enze imisebenzi yesikole aphinde assize ubaba wakhe kumisebenzi yekhaya. Othisha baThando bathi bayaziqhenya ngokuba nomfundo olusizo kozakwabo futhi okhaliphile.

High School July

Anele Nzimande

Sithokozile Secondary School

Wenza ezibukwayo eZibalweni nakuSayensi

Read More

OTHISHA ba-Anele Nzimande ongumfundi waseSithokozile Secondary School, abamangali ukuthi lomfundi ufuna ukuba umshayeli wamabhanoyi.

Ukuphumelela ngamalengiso kuka-Anele owenza uGrade 11 kulesikole esikwa-C, KwaDabeka, kuzifundo okubalwa iMathematics nePhysical Science nokuzimisela esikoleni ikhona okwenza othisha bakholwe ukuthi lizophumelela iphupho lalomfundi. U-Anele (15), uthe into eyenza athande ukuba umshayeli wezindiza ukuthi ufuna ukwazi izindawo ezihlukene nokuthi uyazithandela izinto ezinobuchwepheshe phakathi.

Lo mfundi akagcini ngokwenza ezibukwayo kuzifundo njengoba ebalwa kubadlali beChess abasezingeni eliphezulu kulesikole. U-Anele uthe uthando lwechess laqala kuyena eyingane kanti lokho kuholele ekutheni azifundise yena ukudlala lomdlalo ngokubuka abanye abantu uma bewudlala.

“Esikoleni sami ngidume ngokwenza ezibukwayo ezifundweni nakuchess. Lomdlalo ngiyathanda ukuwudlala kanti futhi uxukuza umqondo uphinde ushintshe nendlela ocabanga ngayo,” esho. Lomfundi uthe ichess imusiza ukuba akwazi ukuqamuka nezixazululo, ukulinda, ukwamukela nokungamuthathi kancane omunye umuntu.

U-Anele uyakholwa ukuthi ikhono lakhe elimangalisayo lechess lizomubeka kwibalazwe eminyakeni ezayo. Uthe ngezimpelasonto uchitha isikhathi sakhe ngokwenza imisebenzi yesikole, afunde bese efundisa ozakwabo bangakubo ukudlala ichess.

“Ngifuna izingane zangasekhaya zikhule zikhaliphile. Ngibonile ukuthi ukudlala ichess kuyasiza ngoba kuxukuza ingqondo kuphinde kufundise ukuba ungamuthathi kancane omunye umuntu,” egoqa.

Thank you for voting for your SPAR Superstar and for giving them a chance to win a SPAR Voucher

One junior/senior primary and one high school winner will be chosen based on the number of votes. Maximum of one vote per person. Look out for the SPAR Superstar winners in the Eyethu Intshonalanga August 23rd edition.

TOP BANNER 2
Back to top button