
Iqembu elithandwa kakhulu
kuMzinyathi wonkana i-Dundee
XI Experience FC kubonakala
sengathi izinto zizoyihambela kahle
kulesizini ukuvika izembe emva
kokuthola umqeqeshi omusha
osemncane wendawo uQiniso Cele.
UCele ube ngumdlali odumile
kakhulu naye odlalile ku-Expereince.
NgoLwesithathu olundlule
iZipiliyoni ezidlala ngabafana
abancane zibhaxabule iMajuba FC
yase Newcastle ngo 2-0 ezinkundleni
zomdlalo eMpumelelo Stadium.
Lamaphuzu amathathu abeke
leliqembu endaweni enhle
kwi-log yamaqembu adlala
ku-Vodacom League.
Abanye babadlali be-Experience
bathe kuyafuneka ukuba leliqembu
lithole abadlali ababili abenisipiliyoni.
Obeqeqesha i-Experience, isihlabani
esidala se-Pirates u-Vincent Sokhela.
NgoMgqibelo i-Expereince
itholane phezulu ne-Kings United
FC (Northdale) lapho eguqiswe
khona ngo 2-0 okungehlanga
kahle neze kubalandeli.



