communityLocal newsNews

Kushube isimo umphakathi ufuna iKhansela

Umphakathi waseSithembile ukhala ngeKhansela lendawo elithi alifuni ukuza emihlanganweni ebizwa amalungu alomphakathi.

Kwamphinda futhi uMeya waseNdumeni uThulani Mahaye okwamehlela emavikini amabili
endlule lapho umphakathi waseSithembile ‘umnqumele ugwayi katiki’ ukuba abuye
nezimpendulo maqondana ngezinkinga ezikhungethe lo mphakathi.
Emhlanganweni
obubanjelwe ehholo lomphakathi uMeya uphinde wehluleka ukuza neKhansela lendawo
uLungile Mbhele njengokuthembisa kwakhe emhlangwanweni ondlule lapho athi khona
uzofika nalo ikhansela ukuzophendula eminye yemibuzo.
Phakathi kwezikhalo
zomphakathi kube ukusetshenziswa kwehhovisi lomkhandlu okwavunywa ukuba lenziwe
i-Media Centre. Kumanje lelihhovisi lisebenza njenge-War Room nalapho ukhansela
asebenzela khona. Umphakathi uthi ufuna ukucaciseleka ngalendawo, okwathi
ngomhlangano odlule uMeya wabika ukuthi akazukwazi ukuphendula lowombuzo. UMeya
wathi yikhansela elingacacisa kangcono maqondana naloludaba.
Kulomhlangano
umphakathi bewusabisa ngokuthi uMeya akazukuphuma ehholo ikhansela lingafikile.
Umphakathi unxuse uMeya ukuba afonele uKhansela Mbhele ukuze eze emhlanganweni
kodwa uMeya, wala waphetha ethi, “Angeke ngikwazi ukwenza into engakaze yenziwa
nayimuphi uhholi ukuba ngibize ikhansela esisenhlanganweni eyodwa nalo lize
emhlanganweni.” UMeya ube esethi akezukuvuma ukuba asetshenziswe njenge
‘thuluzi’ ekubeni yena eze ngesihle ukuzonikeza izimpendulo
emphakathini.
Uphinde wakuqinisekisa ukuthi uKhansela uMbhele uyikhansela
lakulendawo njengokusho kwemiphumela yakwa-IEC. Umphakathi waseSithembile uthi
uKhansela Mbhele akalona iKhansela lakuleya ndawo njengoba angazange athulwe
ngokusemthethweni emphakathini futhi nokungezi kwakhe emihlanganweni ebizwa
umphakathi kusho khona ukuthi ‘akalona’ iKhansela labo.
Akucaci ukuthi
lelihhovisi elisetshenziswa njenge -War room nehhovisi likaKhansela kwathathwa
yini isinqumo emkhandlwini ukuba lingasasetshenziswa njenge-Media Centre.
Imibuzo engaphenduleki efana nalena iyona eyenza umphakathi uphakanyelwe imimoya
njengoba noMeya Mahaye engacacisanga ngesinqumo esathathwa amakhansela amadala
ngonyaka ka2011.
Nakuba kukhona okuphathekayo okuthi ngo December 14 ku 2010
umkhandlu wathatha isinqumo sokwenza lelahhovisi i-Media Centre kubandakanya
nemali engango R400 000 umkhandlu avuma ukuyikhipha ukuze kuzolungiswa ihhovisi.

Okuthukuthelise umphakathi ukuthi nangemuva kokuhambisa uhla lwezikhalazo
kuMeya ngomhlaka February 3 Umphakathi wanxusa ukuba leyandawo ingasetshenziswa
kuze kuqhanyukwe nesixazululo. Bathi okwabathukuthelisa kakhulu kwathi
ngoLwesine lomhlaka February 6 lendawo yabe isivulwa isebenza nje nge-War Room
nalapho ikhansela lisebenzela khona.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button