Bathi abayi ukuyovota uma izikhalazo zingaphendulwa
Basabise ngokuthi uma kuphela izinsuku ezingu 7 zingaphenduliwe izikhalazo zabo angeke baye ukuyovota futhi bazophinda babe nomunye umbhikisho.

Ihambe ngaphandle kwezigameko imashi yezakhamuzi zase Dlamini Village ebingo Mgqibelo lapho bebe lethe uhla lwezikhalazo emkhandlwini wase Ndumeni.
Lomphakathi ububalelwa ku 200, bebekhalaza ngezindlu zeRDP abathi bathenjiswa zona eminyakeni engu 20 endlule. Baphinde bakhalaza ngomkhandlu wase Ndumeni abathe ubahlinzekela ngama-plastic uma izindlu zabo zodaka ziwiswa izikhukhula. Bathi okubacasula kakhulu ukuthi kwezinye izindawo ezifana no-France, Lindelani izindlu kumanje ziyakhandwa. Bathi abantu abaningi kulendawo bashiswa izimbawula ngenxa yokungabikho kuka gesi.
Baphinde bakhalaza nokungabikho kwentuthuko kanye namathuba omsebenzi. Basabise ngokuthi uma kuphela izinsuku ezingu 7 zingaphenduliwe izikhalazo zabo angeke baye ukuyovota futhi bazophinda babe nomunye umbhikisho.
UMeya wase Ndumeni uThulani Mahayi nguyena omukele ingcwadi yezikhalazo wabe esethembisa ngokuthi uzoyindlulisela eMnyangweni wezezindlu. Bekukhona nezikhulu zika hulumeni ebezivela eMnyangweni wezindlu kanye nakwa COGTA. UKhansela uMnuz Bheki Ngobese, uSomlomo Sduduzo Mdluli kanye no Khansela Thoko Makaba bebekhona ukuzozizwela intukuthelo yomphakathi.



