communityLocal newsNews

USomabhizinisi osemncane ufaka inselelo entsheni

Uyazifela ngomsebenzi wakhe kamasincwabisane

USomabhizinisi osemncane uMenzi Ndlovu wase Dundee insizwa ehlala ihleka, wenze okungajweyelekile kubantu abasha. Yena ukhethe ukuvula ibhizinisi labangcwabi alibize ngokuthi i-Zethembe Funeral Service eliku-Ann Street. Uthi wathola ugqozi lokuvula lelibhizinisi ngenkathi esebenzela inkampani enkulu engusaziwayo yabangcwabi (Amathole).
“Ngiyathanda ukusiza umphakathi kakhulukazi labo abampofu. Ngifuna ukwenza okuhlukile kunabanye abangcwabi abakhona endaweni” kusho uMenzi. Uqhube wathi “uma sikungcwabela sizokwenza isiqiniseko sokuthi asigcini ngokungcwaba kuphela, sizokuhambela ikhaya ngaphambi komngcwabo sibone lapho singa siza khona. Uma kumele sipende izindonga sizokwenza njalo ukuze sibe nawe kuze kube sekugcineni,” kuchaza uMnuz Ndlovu.
Uthi ubonga kakhulu abazali bakhe abamsekela bamnika imali yokuqala lelibhizinisi. Uthi waliqala lelibhizinisi engenahhovisi yonke into eyenzela emotweni. Uthi noma zikhona izinkinga kodwa uyathemba ukuthi konke kuzohamba kahle nje ngoba manje esenehhovisi. Ibhizinisi lakhe ulivule ngo-July wonyaka ondlule. Uthi waqeda ibanga leshumi e-Dundee Secondary wase eya e-Majuba FET College lapho afike wafundela izifundo zika gesi. Uthi unxusa yonke intsha yase Mzinyathi neNdumeni ukuthi ingalinge ibukele phansi noma yiliphi ithuba elitholayo. Ungafonela uMnuz Ndlovu ukuthola kabanzi ngebhizinisi lakhe kulenamba 072 809 3569.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button