ISithembile sifuna u-Eskom
Umphakathi uthukuthele ugwana unwabu kwelikagesi wokuntshontshwa

Ushaya phansi ngonyawo umphakathi waseSithembile ngokukhishelwa kwawo izigubhu zagesi.
Bekuphume nesinedolo kuvalwe ngomuntu emnyango ehholo lomphakathi eSithembile lapho umphakathi ubuzothamela umhlangano ophathelene nokuntshontshwa kukagesi kulendawo.
UMeya Thulane Mahaye ubekhona ukuzochaza ngohlelo lukamasipala oluzosetshenziswa ukuzama ukunqanda ukuntshontshwa kukagesi kulendawo yaseNdumeni.
Umphakathi ukhwele wazehlela kuMeya neKhansela besho ukuthi ngeke bakwazi ukukhokha lezomali njengoba bengasebenzi bedla imbuya ngothi. Umphakathi ube sewuphakamisa ukuthi akube uEskom ophatha ezikagesi kuleyandawo njengoba umasipala waseNdumeni uhluleka ungabakhathalele ubaphulela nogesi ngaloluhlelo lwawo luka 50/50.
Bathi ungcono uEskom ngoba ukwazi ukuthenga nogesi ka R10 ungaphulelwa lutho.
“Kwa Eskom uyakwazi ukuthenga ikhadi lika R10 la eNdumeni sitshelwa ngo 50/50,” kusho omunye oyilunga lomphakathi. Okukhalisa kakhulu lomphakathi izikweletu abathenjiswa ukuthi zizosulwa nguMasipala okungasakhulunywa indaba yazo kanye nalo uhlelo luka 50/50 lapho umasipala othatha khona enye ingxeya yemali uma uzothenga ugesi unikezwe ugesi onguhafu kwalowo obuzowuthenga.
Umphakathi uphinde wakhonondela nendaba yogesi obulokhu uhamba malanga onke ngeviki elendlule kodwa bengaziswanga ngalokhu.
UKhansela Mbhele uthe lokhu kwenziwa ukuthi ugesi uyasindwa ingakho usuvele uziwele uthe akuwona uMasipala owuwisayo.
Kuloluhlelo lokuzama ukunqanda ukuntshontshwa kukagesi uMkhandlu waseNdumeni unqume ukuba wephulele labo abantshontshe ugesi ngokuba bakhokhe imali yenhlawulo engu R100 kungakashayi umhla zilunye kuAgasti. Labo abazophinde batholakale beba ugesi bayokhokhiswa imali engama R1888 okulandela lapho bazokhokhiswa uR3150 bese okokugcina uyokhokha uR6300 yonke lemali izokhokhwa ngaphandle kwentela. Uma sewubanjwa okwesine yobe sewukhalelwa amasongo kasigonyela.
Imizamo yokuthola iKhansela lewadi ayiphumelelanga kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.



