communityLocal newsNews

Zivelelwe izinyokanyoka

Ilinganiselwa ezigidini ezimbili zamarandi imali umkhandlu waseNdumeni elahlekelwa iyona ngokuntshontshwa kukagesi

Izinga lokwebiwa kukagesi eNdumeni liyangokuba phezulu, umkhandlu usulahlekelwe imali engu R2million ngenyanga.

USomlomo womkhandlu wase Ndumeni, uMnuz Siduduzo Mdluli uveze ukuthi amakhansela asethathe isinqumo sokunikeza ushwele zonke ‘izinyokanyoka.’

Uqhube wathi uMnuz Mdluli ushwele uyagcina ngomhlaka 31 August. Kuthiwa abasale lapho bazobhekana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili.

Kubantu abakhokhela lesisimo sezinyokanyoka asehli kahle ngoba bona uma bengakhokhile baya valelwa.

Mawungatholakala ukuthi emva komhlaka 31 August usaqhubeka nokutshontsha ugesi ungazithola usubhekane nenhlawulo ka R2 000 kanti futhi uphinde ubhekane nenkantolo, uphinde ukhokhe nemali oyikweletayo. Lokhu kugcizelelwe nayi Meya yase Ndumeni uMnuz Thulani Mahaye.

Kuthiwa indawo ehamba phambili ngezinyokanyoka iSithembile, eGlencoe.

UMnuz Bonginkosi Zulu woMnyango wakwa Disaster ubonakala ebambe intambo okuxhunywe kuyo ugesi ehamba etshanini okungelula ukuba uyibone.
UMnuz Bonginkosi Zulu woMnyango wakwa Disaster ubonakala ebambe intambo okuxhunywe kuyo ugesi ehamba etshanini okungelula ukuba uyibone.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button