Emizamweni yokwenza izimpilo zabantu zibe ngcono iNdlu yobubha (War Room) ku Wadi 3 eSithembile ngaphansi kuka Operation Sukuma Sakhe bebambisane noMnyango wakwa Public Works baphezu komzabalazo wokuvuselelwa kabusha izindlu zikahulumeni wobandlululo esezingasekho esimweni esiphephile kulendawo yaseSithembile.
Amantombazanyana amabili, akwaMakhoba eSithembile abe ngawokuqala ukuba alekelelwe ngemuva kokuba izindonga zomuzi wakubo besezingekho esimweni esihle indlu ibisingawa nokuwa.
UPhindile kanye nodadewabo omdala uBongiwe, bahlala bodwa nabantwana babo abasebancane kulelikhaya. Bobabili abasebenzi baziphilisa ngokuzizamele njengoba bengesenaye ubaba kanti umama wabo usewagana komunye umuzi.
Uthi bona bebengakakulindele ukuthi lomsebenzi uzokwenzeka masinyane kangaka ngemuva kokuba baziswe ukuba bazolungiselwa umuzi wakubo. “Bengizitshela ukuthi kusazothatha isikhathi ukuba silungiselwe njengoba kuvamisile ukuthi izinto ezinokuthinta abaholi zihambe kancane kodwa siyabonga ku mama uKhansela Lungile Mbhele nethimba lakhe lase War Room ngabasenzele kona,” kusho uPhindile.
USihlalo we War Room, uNkosingiphile Zondi uthe miningi neminye imizi esesibalweni sokuba ilungiswe kulendawo eminye kumele iqalwe kabusha njengoba ingasekho nhlobo esimweni sokuba iphesheke nje kuphela. Lendlu yakwaMakhoba ilungiswa kahle ngenyanga lapho kubungazwa khona iviki lika Public Service, eliqala ngomhlaka 14 kuya ku 18 Julayi.
UMnyango wakwa Public Works osebenzisana neWar Room iwona onikezele ngezisebenzi zawo ukuzolungisa lelikhaya nalapho bethole ukuthi uphahla lwendlu nalo belungasekho esinweni babe sebenquma ukuba bangapeshi ingaphandle nje kuphela, kepha bafake nophahla lothayela abasezingeni.
UPhindile uphinde wachaza nokuthi balungiselwe nendlu yangasese nayo ebese ingasekho esimweni esihle ingasashayeki amanzi. Ubonge wanconcoza kuKhansela Lungile kanye neMeya yaseNdumeni uThulani Mahaye washo nokuthi useyakholwa futhi useyakubona ukubaluleka bokuba khona kweWar Room emphakathini.
Ngalo leliviki oNompilo, ama Ward Committee kanye namalunga e-War Room mhlaziwu 18 Julayi ngosuku lokugubha ukuzalwa kukababa uNelson Mandela bakhuculule imfucuza ebigcwele ilokhishi. Bengagcinanga lapho baphinde bavakashela imindeni emithathu entulayo nalapho bafike nahlanza lemizi ngaphezu kwalokho banikezela ngamaphasela okudla kulemindeni.



