communityLocal newsNews

Umphakathi ufuna intuthuko namathuba omsebenzi

Intuthuko ifana 'nengwanekwane' kwimiphakathi yaseBioskop kanye neRamaphosa e-Huttingspruit

Umphakathi wase Huttingspriuts ezindaweni zase Ramaphose kanye naseBioshop ukhala ngokungabibikho kwentuthuko kulendawo. Okubakhalisa kakhulu bathi  ukuthi noMeya wendawo akazigqiziqakala ngokuzolala okungenani izikhalo zabo.  Emavikini ambalwa endlule lomphakathi ubunokhukhulela ngoqo wombhikisho lapho kade belethe khona uhla lwezikhalazo kwizikhulu zeMayini eSpringlake. Lapho besole khona imayini ngokuqhasha ngokwazana kwabangani nezihlobo.  Baphinde bakhalaza ngokungaphathwa kahle ngezinye zezikhulu zakhona emayini iShanduka abathe “azifuni ukuhlangana nathi sibe nomhlangano ukuze kuxazululwe lezinkinga.” Baphinde bathi imayini ihlangene kunye naye uMeya ukwenza lemikhuba. IMayini yaziphika zonke lezizinsolo.Ugogo Ngwenya ohlala endaweni yase Ramaphose uthe useneminyaka ahlala kulendawo kodwa intuthuko iyizwa ngendaba njengoba bengenawo ngisho amanzi kulendawo.  Umphakathi waseBioskop wona ukhala kakhulu ngezindlu zeRDP.

 

 

 

 

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button