communityEntertainmentLifestyleLocal newsNews

Sidla ngoludala

Azibuye emasisweni

Umqombothi utshwala besiZulu obuvutshelwa uma kunemisebenzi noma imigubho ethize. Buthatha izinsuku ezintathu ukubenza. Buqalwa ngokuba buthonwe ngaphambi kokuba buvutshelwe. Awukho umsebenzi wesintu oqhubeka ngaphandle kwalobutshwala njengoba buyinxenye enkulu nebalulekile emasikweni esintu.

Okudingayo

1.1kg Umthombo wamabele

2 Amaphakethe amane ka 1kg womthombo mmbila

3. 1kg Impuphu

4.Amanzi abilayo

Indlela yokwenza

Usuku Lokuqala

  1. Uhlanganisa impuphu, umthombo wommbila ku5 litha wamanzi abilayo ukuhlanganise ngesipuni sokhuni kube ngathi umdokwe bese uyakuyeka kuphole.
  2. Umasekupholile faka 1kg womthombo wamambele uhlanganise ngesandla esohlanzekile.
  3. Kuvale bese ukuyeka ubusuku bonke ukuze kuzibilele.

 Ngosuku lwesibili.

  1. Lungiselel ukupheka ngokuba ubase umlilo
  2. Faka amanzi ebhodweni ozophekela kulo uwalinde aze abile bese upheka lemixer yakho izibe umdokwe ovuthiwe.
  3. Uma usuvuthiwe wulinde uphole bese ufaka 3 yemimthombo yamabele uphinde ukuyeke ubusuku bonke. Uma ufuna unambithisiseke faka ikhathoni lejuba ungakuhlananisi kodwa kuyeke ubusuku bonke

Usuku lwesithathu

Thatha ivovo, uvubele utshwala embhakedeni elikhulu. Usulungele ke ukuphuzwa lowomqombothi.Usungawufaka okhambeni.

 

 

 

 

 

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button