Izindlu zangasese ezisezingeni
Isimo ebesingaginyisi mathe samathoyilethe abenuka ngendlela exakile erenkini yaseGlencoe sesizophela njengoba umkhandlu ukhiphe imali ukuba kulungiswe lamathouilethi.

Ekugcineni uMkhandlu waseNdumeni usuze wayisukumela indaba yezindlu zangasese eziserenkini yamatekisi eGlencoe. Ngemuva kokuba ikomiti elimele osomatekisi lahambisa izikhalazo kuMasipala ngamathoyilethi aserenki abekade enganakiwe echichima amanzi kanye nodoti obulahlwa ngaphakathi kuwona. Lamathoyilethe bese kuphele iminyaka kungangeneki kuwona ngenxa yephunga ebelingabekezeleki.
Kodwa manje lokho sekuzophela njengoba uMkhandlu waseNdumeni uzosebenzisa imali engango R100 000 ukuwalungisa. Okuzojabulisa abaningi ukuthi amathoyilethe asezofakwa manje ilawo ajwayelekile. Kuzokhumbuleka ukuthi amathoyilethi abekhona ekuqaleni kwakungawomgodi ogujelwe phansi. UMnuz Dubree uthe kuzofakwa ngisho namatiles kanye nosinki wokugeza izandla kulawa amasha akhandwayo. Uphinde wathi nozowanakekela ukhona bese ngemuva kwamahhora okusebenza azovalwa.



