Ubulawe ngesihluku uthisha waseMgazi eqolwa
Ugwazwe amanxeba amathathu,enhliziyweni,ethangeni nase ngalweni.Iisidumbu sikamufi basithola sidindilizile phansi.

Uthisha waseMgazi Full Service School uMnuz Daniel Jon (48) ongowokudabuka eZimbabwe ubulawe ngesihluku ngemuva kokuba ebanjwe inkuzi mhlazingu 11 ku October.
Abasolwa bamgwaza amanxeba amathathu elilodwa enhliziyweni, engalweni nase thangeni ngaphambi kokuba bakhale utshani nezimpahle zakhe okwakhuyi laptop, Samsung tablet, umakhalekhukwini kanye nokunye.
Amaphoyisa akwazile ukuthola abasolwa kanye nezimpahla zikamufi ezantshontshwa ngosuku lwesigameko.
Ngokusho kwemibiko uMnuz Jon wayesendleleni ebuya ePitoli eya esikoleni eMgazi lapho ehlala khona kanye nabanye ozakwabo ngesikhathi ebhudukezwa abafana ababili abamubamba inkunzi. Ephawula uMnuz BS Zulu ofundisa naye esikoleni uthe, wagcina ekhuluma nomufi ngesikhathi emfonele emtshela ukuthi uqeda kwehla etekisini ebuya eGoli, ucela ukuba amuvulele isango uma esefika.
“Ngamlinda ngilokhu ngicabanga ukuthi uyaqhamuka kodwa lutho.”
Kuthe esebona ukuthi sekuphela isikhathi eside engaqhamuki wahamba wayo buza omunye uzakwabo uMnuz T Munjoma ohlala nabo ngaphakathi esikoleni, naye walandula ngokuthi akaze athole ucingo oluvela kumufi. “Sabe sesifonela omunye uzakwethu ohlala elokishini naye wasichitha ngokuthi akamazi,” kulandisa uZulu.
UMnuz Zulu kanye nazakwabo uManjoma babesebethatha abafundi abahlala ngaphakathi beyomubheka egaraji lapho amatekisi asegoli ehlisa khona ababuyayo, abangamfica. Kuthe sebebuya beqhamukela ngasesikoleni babona imoto yamaphoyisa ikhanyise isidumbu phansi. Babe sebephuthuma khona bafica isidumbu sikamufi sidindilizile simanxebanxeba.
Okunguyena owabiza amaphoyisa unogada wekhampani yonogada i-Ocean Dawn Security. Yena ubike kanje, “Ngangisemsebenzini ngelanga lesehlakalo ngezwa umsindo budebuduze nala ngisebenzela khona. Ngathi umangiyobhekisisa ukuthi kwakuyini ngabona abafana ababili besuka ngalapha bekuqhamuka khona umsindo, owesithathu bamshiya elele phansi,” kuchaza unogada. Uqube wathi, “Ngabe sengithinta ozakwethu ngeradio yonogada ukuba babize amaphoyisa mina ngabe sengifonela i-ambulense nokwa fika ngokukhulu ukushesha nokho.”
UMnuz BS Zulu no Mnuz T Munjoma bachaze umufi njengomuntu obenenhliziyo enhle, enenhlonipho futhi enamahlaya, kungumuntu wabantu. Umfowabo kamufi uMoses Jon uphawule ngokuthi kubuhlungu okwenziwe kumfowabo, ufisa ukuba umthetho udlale indima yawo ubanikeze isigwebo esifanelo abenzi balobubi.” UMnuz Daniel Jon ushiya ngemuva unkosikazi wakhe nabantwana abangu-8, amantombazane amane (4) kanye namadodana amane (4).
Abasolwa batholwa ngamaphoyisa ngalo ilanga lesehlakalo, baboshelwa icala lokubamba inkunzi behlomile kanye nelokubulala. Bavele kafushane enkantolo kamantshi yaseNquthu mhla zingu 13 kulenyanga, icala labo lihlehlele umhlaka 20 ku-October ukuzofaka isicelo sebheyili.



