Ikusasa alaziwa ngerenki yaseDundee
UMasipala waseNdumeni uyakuchitha ukuthi i-Taxi rank yaseDundee isendaweni yayo, kanjalo nenkampani engamele umhlaba okusolakala ukuthi iranki yakhelwe kuyo ayicacisi ukuthi ngekabani.

Kuduma amakhanda kuba phathi berenki yaseDundee engaphansi kweDundee Transport Association njengoba kunendida yokuthi lerenki ingekabani. Ngokusho kwamalunga e-komiti bathi sekukaningi bebhalela umasipala waseNdumeni izincwadi becela ukuba nomhlangano nabo ukuzoxazulula lenkiyankiya kuze kubemanje awukaze ubaphendule.
Okudida kakhulu ukuthi lendawo la irenki yakhelwe khona kungathi eyomuntu thizeni kodwa naye okungenasiqinisekiso sokuthi unayo yini itayitela layo.
Umnuz B Mthembu ongusihlalo lwebhodi lakwaDundee Transport uthi baqale ukuphakamisa amehlo ngesikhathi lowo awaye ‘ngumnikazi’ wegaraji elikhona lapha erenke othi ungumnikazi waleyandawo evala leligaraji, wakhipha umpompi la bekuphuza khona umphakathi emuva kwalokhu wasabisa ngokukhipha le-executive emahhovisini abasebenzela kuwona erenke ngoba ethi leya ndawo ngeyakhe.
Umnuz Mthembu uthi, “Bona bebazi ukuthi irenki ingekamasipala kodwa futhi mebeyofuna itayitela laleyandawo alitholakali.”
“Thina siyadideka ngoba umasipala uphinde asitshele ukuthi leyandawo ingeka association,” kusho uMnuz Mthembu. Umnuz Mthembu uthi kuningi okusezinhlelweni zikaDundee Transport Association zokuthuthukisa leyarenki kodwa abananqubekela phambili ngoba abazi ukuthi leyandawo ingekabani.
OyiMenenja yezokuXhumana kwaMasipala uMnuz Percy Mabilisa uphawule wathi leyandawo ebizwa ngokuthi iOld Acre akuyona ekamasipala ingaphansi kwenkampani ezimele iArnold Properties.
Uphinde wakucacisa ukuthi umasipala akana gunya lokuba alethe intuthuko endaweni engangamelwe iwona ‘umnikazi wendawo okumele alethe zonke izidingo zakuleyondawo njengoba nokuthuthwa kukadoti inkampani yakwa Broll iyona ekukhokhelayo’, kuchaza uMabilisa.
Uvumile ukuthi osomabhisinisi abancane abathengisa kumashelter asenqenqemeni womgwaqo ngakhona erenkeni ingoba vele umasipala ngeke akwazi ukwakha emhlabeni okungesiwona owakhe. Umnuz Mabilisa uphinde wachaza nokuthi ngeminyaka yo-2003/2004 uMasipala waqoka indawo okwakumele kube iyona renki yamatekisi kodwa ukuxhaseka ngokwezimali akuphumelelanga.
Okungabaluleki benkampani okuyiyona okuthiwa ingamele umhlaba werenki i-Broll Property Group okuyinkampani ezimele ithintiwe yiphephandaba nakhona akucaci ukuthi lenxenye ebalwe ngenhla ingeye Arnold Properties na njengoba nabo beqale bathi ingekamasipala kepha bathe bazobhekisisa izincwadi zabo ukuthi ikhona na lenxenye. Kuze kuba imanje impendulo akaze itholakale kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengaphendulile.



