Indawo yaseNquthu iyanda ngezindawo zamagugu
Ibandla lama ST John livule indlu yamagugu eNquthu
Bebephume ngobuningi babo abakhonza e-St John’s Church endaweni yase Nquthu lapho bekuvulwa indawo yamagugu (museum) yebandla lama St John’s i-African Spiritually Museum and Centre.
UBJ Buthelezi ongumsunguli aphinde abe ngumfundisi walelibandla uthe uyajabula ukuthi isifiso sakhe sokuvula indawo efana nalena sesize safezeka. Uthi ufuna inkonzo yabo ibenomlando okhuluma ngokusungulwa kwebandla futhi kungabi umlando webandla akhonza kulona kuphela kodwa kube nemilando yamanye amabandla nezinkonzo zayo kanye neyamakhosi angamele indawo yaseNquthu.
Ube eselandisa ngokusungulwa kwebandla lama St John’s nabalule ukuthi lasungulwa umama Christina Nku, waseLesotho, owaprofetha khona ukuthi, “Kunendoda enguArchbishop PJ Masango ophuma eMpumalanga okumele ashumayele umhlaba wonke naphesheya kwezilwandle.”
Lomcimbi ubuhanjelwe uDokotela J Mthethwa onguMeya woMkhandlu waseMzinyathi. UDokotela umchaze umfundisi uButhelezi njengomuntu amazi kakhulu futhi akhule naye endaweni yaseNquthu. Uthi uButhelezi waqala ukumbikela ngokuvula lendawo yamagugu kodwa akangakunaka lokho. “Ngangizitshela ukuthi uyazikhulumela nje, lokhu ayekusho kusayiphupho,” kuchaza uMeya uMthethwa. Uqhube wathi uButhelezi ube esembhalela incwadi yesicelo nayidlulisela kuNgqongqoshe woMnyango wezobuCiko namaSiko, umama uSabhidla-Saphetha ukuze athole ukusizakala.
Oyilunga lebandla uNksz Z Mthethwa uzwakalise ukujabula okukhulu ngokuba isifiso sikamfundisi wabo sibe impumelelo. Ubengayedwa namanye amalunga ebandla ebejabule ngalokhu obekwenzakala ngalolusuku. UMbhishobhi M Ziqubu kanye noMfundisi N Zwane bavule umbhalo okhuluma ngomlando wesonto ube usufundwa uDokotela J Mthethwa.
Kuningi nokho okusadinga ukuba kwenziwe kulendawo yamagugu. UMfundisi BJ Buthelezi ucela abangathanda ukufaka isandla bathintane naye kule nombolo 083 315 3005.



