UMeya waseNquthu ubehambela umphakathi waseZiphunzini
USodolobha wase Nquthu uKhansela Emily Molefe uhambele indawo yase Ziphunzini enquthu.

Injabulo beyibhalwe ebusweni kwizakhamizi zaseZiphunzini ngaseQhudeni eNquthu ngesikhathi bevakashelwe uSodolobha uEN Molefe. UMeya ubezonikezela ngama phasela okudla kuleyo mindeni ehlwempu. Iyisishagalolunye imindeni ehlomule ngalamaphasela okudla emibili yayo ivelelwe imishophi lapho ishonelwe ngamalunga wayo. Ubehambisana nemiNyango kahulumeni engaphansi kukaSukuma Sakhe kanye nehhovisi likandunankulu nalo belikhona.
Iminyango ithathe lelithuba yavulela umphakathi ukuba usebenzise leminyango njengoba bekuthathwa amapasi, izitifiketi. Umnyango wezeMpilo ubu goma izingane, kuhlolelwa noshukela kanye nezinye izifo. Umphakathi uhlomule nangezimbewu zokuqala izingadi emakhaya azo njengoba umnyango kandunankulu ugqugquzela uOne-home-one-garden. Lomphakathi uthe wona vele ukhuthele futhi ukutshala yikona abaziphilisa ngakho.
UDokotela D Ngcobo ovela kumnyango kandunankulu oyi Senior Manager ku-Macro Policy Development and Coordinator Unit, utshele akade bethamele ukuthi bona njengezikhulu zomnyango ezibekwe kumawadi bakubone kubalulekile ukuthi bafake isandla emiphakathini ehlwempu. Uthe sebekhiphe imali engango uR15 200 ezokwakha inkulisa eNquthu. Uqhube wathi konke sekumingomumo sekusele ukuba uqale umsebenzi wokwakha.
UNkk B Phungula ovela kwezempilo oyi PHC trainer uthe bona njengoMnyango kuyisifiso sabo ukuthi bahambele izindawo ezingenamitholampilo njengayo lena yaseZiphunzini kodwake basezinhlelweni zokuletha umahamba nendlwane kuyo lendawo. UMnuz P Hlatshwayo oyiMenenja kuMnyango wezokulima uthe umnyango wakhe uzonikezela ngocingo lokubiyela izingadi ukuze izitshalo zingadliwa imfuyo njengoba bekwenzeka.
UMeya EN Molefe ethula inkulumo yakhe uthembise ukudlulisela izikhalo zalomphakathi ehhovisini likaNgqongqoshe uNomsa Dube lapho umphakathi ubukhala ngezikole ezikude, ukungabibikho kwenkulisa, namanzi ukubala okumbalwa. Uthe okungenani ungqongqoshe azame ukubafakela ugesi wobulongwe aphinde abakhele inkulisa ezoba nothisha ozobe efundisa izingane. Kuthiwa izingane zakulendawo zilinda ukuba zibe neminyaka engu-8 ukuze zizoqala isikole njengoba zihamba amabanga amade zihamba emahlathini. UMeya uthembise ukuphinde abuye kulendawo.
Akagcinanga ngokuyojabula nje kuphela uSodolobha kanye nethimba lakhe leminyango eyahluka hlukene badlulele emindenini elahlekelwe. Owakhwa Khuzwayo kanye nowakwaHlabisa. Kwa Khuzwayo kuvele umshophi lapho ingane yakulelikhaya ebifunda uGrade 6 eHlalela Primary School yazikhunga ngocingo yashona. Umfowabo omncane kamufi okade behlala naye bebobabili njengoba bengasenabazali kanti abafowabo abanye ababili bona bahlala eGoli ubike ukuthi umfowabo ubelokhu ezihlalela yedwa kulamaviki adlule futhi elokhu ethi yena ‘uzozibulala.’ “Bengingakunaki lokho ngoba bengingakholwa ukuthi angenza into efana nalena,” kubika umfowabo kamufi.
Eqhubeka nodaba uthe ngelanga lesehlakalo wamuzwa umfowabo emubiza kodwa wanganaka waqhubeka nabekwenza. Ube esengena endlini wamuthola emile eduze nobonda kodwa akanga naka lutho. Kuthe lapho ephindela endlini wamufica esamile kuleyondawo nokwamangaza. “Ngithe mangisondela kuye ngathola ukuthi uthule, ngabe sengibiza omakhelwane.”
Isizathu zokuzikhunga kwakhe besingakaziwa. UMeya udlulise amazwi enduduzo emndenini wathembisa ngokufaka isandla. Ube esephikelela emndenini wakwaHlabisa wona ubungcwaba intombazane yakhona. Nakhona lapho uMeya ufike wadlulisa amazwi enduduzo wabe eseshiyela umndeni amaphasela okudla.



