communityLocal newsNews

Umunyu kungcwatshwa iNduna yeNkosi uZondo

Iqhawe le Nduna yesizwe sakwaZondi likhotheme.

Bekuwumunyu nosizi emngcwabeni kaMnuz MB Ngobese obeyi Nduna yeNkosi yesizwe sakwa Zondi esigodini sase ziDakeni, kwaNyezi, eNquthu. UMnuz Ngobese udlule emhlabeni mhla ziyishumi kwephezulu emva kokugula. Ushiye umkakhe uMaNgobese kanye nezingane ezinhlanu.
INkosi yeSizwe sakwaZondi uZithazamadoda ubebhalwe usizi emehlweni ngokudlula kweNduna yakhe ayichaze njenge qhawe lesizwe sakhe. Uthi uzibona ‘enqunu’ njengoba umufi engasekho. Ithi iNkosi uMnuz Ngobese, “Ubeyisibani kanye nensika yesizwe sakhe.”
Uqhube wathi umufi ubeyinqolobane yolwazi bekungadluli lutho lakwaZondi kungaqalanga ezandleni zakhe. “UbeyiNduna ethembekile futhi ubengaqhelelani noJehova kuzozonke izimo ebebhekana nazo,” kuchaza iNkosi.

INkosi uZondi uthi ngendlela umufi ebemuthemba ngayo ibingasabi ngisho nokumvulela isifuba sakhe nomangayini ebimhlupha empilweni. Uthi into abeyithanda ngomufi ukuthi ubemkhuthaza kakhulu ngamazwi akhayo njengoba ayenza nakubaba omzalayo. Ube esekhuthaza izinduna zakhe ngokuthi ‘nxa ungumholi kumele usondelane noNkulunkulu ukuze ube ngumholi oqotho, futhi igama lobuqotho liyasetshenzelwa’.
Obekhulumela iqembu le Inkatha Freedom Party (IFP), uMnuz M Ngobese uphawule ngokuthi bona njengeqembu balahlekelwe kakhulu. “UMnuz Ngobese uyidlalile indima yakhe eqenjini.”
Ngokusho kuka Mnuz S Ngobese umufi ubenegalelo elikhulu esizweni nasemphakathini wakubo. Uyibekile induku ebandla futhi ubengu thisha kodwa engafundile.

Uthi ubeqhuba imfundo phambili, ‘lokhu kubonakale ngokuba kuqale izikole nezinkulisa ezandleni zakhe’. Umufi waqala ukusebenza njenge Nduna esigungwini seNkantolo, wabe esephatha isigodi sase White City kanye nesakwa Hadebe ewenza ngokuzithoba umsebenzi wakhe.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button