Bakhombana bodwa abeqembu leNFP
Amalunga enhlangano yeNFP Endumeni athi uSihlalo wehhovisi laleliqembu nomkakhe 'bagaqele izikhundla kuleliqembu.'

Kungathi kusekude phambili eqenjini leNational Freedom Party (NFP) njengoba izinkinga zingapheli ziya ngokwanda.
Amalunga aleliqembu ashayisana ngamakhanda kulandela udaba likaKhansela wabo uThandanani Mkhize ophinde abe isekela likaMeya wase Ndumeni. Sekukhona ukungaboni ngasolinye kuleliqembu mayelana nokumiswa kwakhe okwenzeke ngo September 30. Inxenye yabalandeli baleliqembu ayihambisani nakancane nalesisezo sokumiswa kukaMkhize, bathi abantu abamvimbayo ilabo abagaqele izikhundla kuleliqembu.
USihlalo ehhovisini le-NFP, uMfanafuthi Ntsele kanye nethimba lakhe bafuna ukuba uMkhize ehle esikhundleni sokuba umholi njengoba bethi akalisebenzeli leliqembu, nalapho abekwe khona ukuba abe ‘iso lomphakathi’ akukho akwenzayo. USihlalo weConstituency uthi, “Akukho okwenziwa uMkhize onke amakhansela ayasebenza kodwa yena akenzi lutho ewadini lakhe.” Amalunga alelihhovisi athatha izinqumo zokumisa uKhansela Mkhize ngamacala wokungaphathi kahle izimali zeqembu kanye nelokungalandeleli lokho okufunwa iqembu nokubukela phansi imithetho yeqembu.
UKhansela uMkhize ungomunye wabaholi abahlanu basemkhandlwini waseNdumeni abahlawuliswa uMnyango wakwa-COGTA ngokungaziphathi kahle ekukhiphweni kwesinqumo sokuhoxiswa kwamacala kaMnuz TP Biyela owayengu Menenja eMkhandlwini. Ngomhlaka September 30 uKhansela Mkhize kwakufanele ukuba avele phambi kwethimba lokuqondisa izigwegwe, kodwa lokhu kubukeka sengathi kwafana nokuthela amanzi edadeni njengoba uMkhize engazange alubhade kuloyomhlangano ayebizelwe wona iqembu lakhe ngamacala abalwengenhla futhi ubesaziqhubekela nokuhamba imihlangano yomkhandlu ngaphandle ‘kwenkinga’.
Okucasula kakhulu labalandeli beNFP kanye nethimba leYouth Movement ukuthi abazange bona baziswe ngokumiswa kukaMkhize. Bathi uSihlalo wehhovisi uMnuzNtsele ehambisana nomkakhe uNompumelelo Ntsele osenguSihlalo weqembu labesifazane kuNFP bagijimisa izikhundla futhi bango gombela kwesabo.
Lokhu kunazelelwa nayizinsolo zokuthi uMkhize akazange aqashe uNksz Ntsele ukuba abe ngumabhalane wakhe personal assistant.
Ngokusho kukaNompumelelo isinqumo saphuma kubuholi obuphezulu kwi-Province ukuba akanikezwe lomsebenzi ‘kepha uMkhize akakwenzanga lokho’. USihlalo uNtsele uthi, “Mangabe umuntu engenzi njengokulayelwa iqembu kumele aqondiswe izigwegwe.”
Uyazichitha izinsolo zokuthi amalunga awaziswanga ngokuxoshwa kukaMkhize. “Bonke abangamalunga ezinhlaka zeqembu baziswa futhi bayazi ngaloludaba lukaMkhize, ongazi kusho ukuthi akalona ilunga leqembu,” kusho uNtsele.
Bobabili uMnuz Ntsele nowakwakhe bayakuphika ukuthi bagaqele izikhundla kulenhlangano. Bathi ‘laba abasisola ngalokhu bangama ‘concerned group’ abekho nasezinhlakeni zobuholi beqembu ingakho bengazi lutho ngokuqhubeka eqenjini’.
Ngokusho kuka uNompumelelo uthi lamalunga azibiza nge-Youth Movement amalunga amadala eyouth asetshenziswayo ukufeza izinhloso zabantu abathize eqenjini. Lamalunga eNFP athi akhathazekile ngendlela izinto eziqhubeka ngayo eqenjini anxusa ukuba ubuholi obuphezulu kwisiyingi bungenelele.



