Bekuvuselelwa abazalwane kwinkofa yebandla i-Mountain of God Ministry
'Entabeni kaJehova kuyabonelelwa'

NQUTHU- Bekuchichima injabulo kubazalwane bebandla i-‘Mountain of God Ministry’, eNquthu ngesikhathi kunenkomfa yaminyaka yonke yaleli bandla ebibanjelwe kulendawo. Lelibandla eliholwa uMfundisi M Ndlovu libambe lenkomfa eqale ngoLwesine ebusuku yaphela ngesonto.
Lelibandla lasungulwa nguyena uMfundisi Ndlovu ngoFebruary 04 2011. Minyaka yonke libamba lenkomfa lapho kumenywa khona abafundisi bamabandla ahlukene ukuze bezofundisana ngezwi lenkosi.Isiqubulo salelibandla esithi ‘entabeni kaJehova kuyabonelelwa’umfundisi Ndlovu uthi sichaza ukuthi abantu mabathembe uNkulunkulu ngasosonke isikhathi ukuze izifiso zabo zizophumelela. Uqhube wathi okumujabulisile ukubona isifiso sakhe athi uNkulunkulu umuthumele sona ukuba asithule ezweni lakhe sifezeka.
Phakathi kwabafundisi akade bemenyiwe bekukhona noMfundisi u-TG Nala, ohhola ibandla i-Life Changing Ministry obezoshumayela izwi likaJehova kubazalwane. Entshumayelweni yakhe wenze umzekelo ngebandla lakhe nathe naye waliqala ekhonzela etendeni kunzima, ikakhulu uma kuna imvula, kodwa ngokuthemba uNkulunkulu ugcine ephumelele.
Ube eseyala ibandla ukuba lihloniphe umfundisi walo kanye nendawo abakhonzela kuyo ukuze bezoba nenqubekela phambili. Nakuba inkonzo ihambe kahle kodwa izinselelo zalelibandla azikashintshi. UMfundisi Ndlovu unxusa nanoma ubani ongathanda ukufaka isandla ekusizeni ibandla lakhe njengoba lisakhonzela ethendeni abaliqashayo njalo makuyizinsuku ezinkulu ezifana nalenkomfa. Kwezinye izinsuku izinkonzo zabo banokuzibambela endlini yakhe umfundisi. Abanesifiso sokwelula isandla bangathinta yena umfundisi kule nombolo (0728059729).



