
Sibusisiwe isandla esiphayo kunesimukelayo, nebhayibheli liyakufakazela lokhu, nakuba abantu abaningi sebekushaya indiva lokhu kodwa kusekhona abasakwazi ukunikela kulabo abahlongayo.
Onyakeni ondlule ngemuva kokubona usizi lowesifazane ongenandawo yokufihla ikhanda, uKhansela Siboniso Mbatha unqume ukuba amsize ngokuba amakhele indlu ezombuyisela isithunzi akwazi ukufihla ikhanda yena kanye nabantwana bakhe.

Lowesifazane uhlala endaweni yase Craigside. Ngokusho kwakhe uthi umndeni wakubo wabhubhiswa umphezulu wonke, wasinda ngoba wayengekho ekhaya evakashile ngesikhathi kwehla lelifu elimnyama.
Ngokuzama ukwenza impilo yakhe ibengcono wahamba kwelakubo ngenhloso yokufuna umsebenzi njengoba waze wafika kulendawo yaseDundee.
Ngemuva kwesikhathi ehlala kulendawo wabe esethola isoka abekade ehlala nalo kwaze ukuba liyamshiya emhlabeni ngonyaka ka 2012. Lishona nje ubesekhulelwe ingane yabo okuyimanje izohlanganisa unyaka. Ngemuva kokushona kuka baba wengane yakhe uthi “abomndeni wakhe bangiphuca yonke impahla yasendlini bangixosha lapho besihlala khona ngoba bethi ngambulala ubaba wengane yami,”echaza.
Wabe esehamba wayozakhela indlu yodaka nayo okungaphelanga sikhathi esingakanani yabhidlika ngenxa yemvula. Umasipala waseNdumeni wabe usumuzwela ngethende njengoba wayesakhulelwe nokuyilona asalala kulona njengamanje.
Impilo inzima kulomndeni kangangoba izigila mkhuba zamhlasela ezinyangeni ezindlule zamudlwengula zazama nokushisa umtwana wakhe. ” Zavula imbobo kulelithende engilala kulo nomtwana wami omncane zangena zangidlwengula.
“Uthi wazama ukumemeza kepha akukho noyedwa umuntu owaphuma wazomlekelela.
“Lapha kulendawo yase Craigside kukamazibonele akekho umuntu onendaba nomunye,” kuchaza lo wesifazane.

Ubonga kakhulu ngalokhu uKhansela Mbatha amenzela kona uthi mhlawumbe usezokwazi nokulala akhululeke. Uthi izigilamkhuba sezike zazama futhi kabili ukumngenela ngemuva kokumdlwengula kepha zahluleka. “Lokhu engikubona ngenzelwa uKhansela uMbatha kungaphezu kwamandla ami, ngiyabona ukuthi nami angilahliwe,” kusho lo wesifazane ecoba izinyembezi.
Lowesifazane useke wazama ngisho nokuzibulale yena nengane yakhe ngoba ethi impilo ibithanda ukubalukhuni, wasindiswa ngomunye umuntu akangamazi.
UKhansela Mbatha ukuqinisekisile ukuthi umsebenzi wokwakhela lowesifazane uzoqalwa ingakapheli inyanga kaJanuary.



