communityLocal newsNews

Baletha ithemba emphakathini wakubo

UAnna uchaze wathi bafakwa amaphoyisa kulendawo ngemuva kokuba bexoshiwe lapho akade behlala khona kuqala.

Inhlangano esanda kusungulwa ebizwa nge ‘Hope Giving’ yenza umehluko ezindaweni zaseSithembile nasedolobhaneni lase Glencoe. Lenhlangano isungulwe ngonyaka ondlule nguMfundisi Bonginkosi Khanyi ekanye namanye amalunga ayisithupha okuyizakhamuzi zasendaweni yase-Sithembile. Uxhaso lwemali abanalo kanti bathembela eminikelweni, okungaba abantu bomphakathi okanye izinkampani ezizimele. Ngaphandle kwalokho bakhipha emaphaketheni abo ukuqhuba usiko lwalwenhlangano lokukusiza abaswele zinyanga zonke, ngokubathengela okuya ngasethunjini.

 

Ngeminye yemindeni yaseSithembile ethole uxhaso enhlanganweni.
Ngeminye yemindeni yaseSithembile ethole uxhaso enhlanganweni.

UMnuz Nhlanhla Khanyi, ongusekela sihlalo kulenhlangano uchaze wathi “nakuba singakakwazi ukufezekisa lesisifiso sethu ngendlela eyiyona, sokunikeza imindeni ukudla zinyanga zonke, kepha siyazama ukuthi kungapheli isikhathi eside kungekho ongakutholanga ukudla.” Uthi abakabi nabo abantu abaqondile ababalekelelayo, kepha basiza bonke abathe babathola ngaleyonyanga njengoba bengakabi nabo abaxhasi abaqondile abazimisele ukubasiza bafeze lomsebenzi.  NgoLwesine lomhlaka 19 March imindeni eyishumi okubalwa kuyo eyaseSithembile naseGlencoe yavakashelwe ilenhlangano ihambisana nethimba lakwa Charlies SuperSpar bezonikezela ngokudla.

 

Isimo sempilo sincikinciki kulobhuti ngakho ke inhlangno iHope Giving izama ukubuyisa ithemba ebantwini abafana nalo bhuti ngokuletha usizo oluphuthumauo okuyindlala.
Isimo sempilo sincikinciki kulobhuti ngakho ke inhlangno iHope Giving izama ukubuyisa ithemba ebantwini abafana nalo bhuti ngokuletha usizo oluphuthumauo okuyindlala.

 

Iningi lalemindeni iphila ngaphansi kwezimo ezingagiyisi mathe. Imindeni yakwa Deventer, Kruger, Johannes eGlencoe kanjalo nowakwa Luvuno eSithembile ihlala ezakhiweni ezingekho esimweni kanti ihlala ngabaningi emagumbini angenele. Laba bakwa Kruger bathi bayayibhadalela lendawo abahlala kuyo yize bebhalwe ebusweni usizi kanti futhi abasebenzi baziphilisa ngekamkhwenyana wentombi yakulomuzi okunguyena kuphela otohayo.

 

Lesi saguga naso asisalanga ngaphandle sathola ukusizakala enhlanganweni iHope Giving ebixhaswe uCharlies SuperSpar.
Lesi saguga naso asisalanga ngaphandle sathola ukusizakala enhlanganweni iHope Giving ebixhaswe uCharlies SuperSpar.

 

Lesi saguga naso asisalanga ngaphandle sathola ukusizakala enhlanganweni iHope Giving ebixhaswe uCharlies SuperSpar.
Umndeni wakwa Deventer okungu Anna no Susan bona bahlala endlini okwakungama ofisi abangcwabi engasasebenzi. UAnna uchaze wathi bafakwa amaphoyisa kulendawo ngemuva kokuba bexoshiwe lapho akade behlala khona kuqala. Kanjalo nomndeni wakwa Johannes wasuka lapho obuhlala khona ngenxa yokuthi irenti ibisibiza kakhulu kanti nendlu ababehlala kuyo ibiyangokuphela ibhodloka. UMnuz Johannes uhlala nonkosikazi wakhe nabantwa abathathu egunjaneni elilodwa.

 

Ngu Mnuz Johannes nomfanyana wakhe.
Ngu Mnuz Johannes nomfanyana wakhe.

Abasunguli balenhlangano bathi bazimisele ukwenza umehluko endaweni yaseSithembile nase Glencoe futhi basendleleni yokwenza inkampani yabo ukuba ibesemthethweni. Bathi isifiso sabo ukuthola abaxhasi abazozinikela ngokugcwele ukuze bazokwazi ukufeza lokhu abakuhlosile ngenhlangano. Banxenxa inoma ngabe ubani othanda ukuphosa esivivaneni ukuba avele. Ihlangano ibonga kakhulu uMunz George we Charlies SuperSpar othe uma bemucela usizo wasabela ngokubanikelela ngokudla okulinganiselwa ku R5000.00 kanye nezimoto zabo ngokubathuthezelela lokukudla ukuze kufinyelele kubanikazi. “Siyabonga kakhulu kuMnuz George ngokwelula kwakhe isandla,”kuphetha uMfundisi Khanyi.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button