Usutholakele umndeni womlisa obeduve emakhazeni
Umndeni ka Thabani Sithole usuzokwazi ukufihla ithambo lawo ngesizotha nemuva kokuba isidumbu sikamufi siduve izinyanga ezintathu emakhazeni

Zitholakele izihlobo zikaMnuz Thabani Sithole; obesehlale isikhathi eside emakhazeni asesibhedlela eDundee. Kungenxa yokukhathalela umphakathi kweMedia esukumele loludaba ngokukhulu ukushesha ngemuva kokuba lubikiwe.
Izihlobo zikaMnuz Sithole sezizokwazi ukubeka ithambo lazo ngesizotha. Amaphoyisa enze isiqinisekiso ngoLwesithathu olundlule ukuthi ngempela laba abathi bayamazi uMnuz Sithole izona zihlobo zakhe zegazi. Kuzokwazeka ukuthi udaba lukaMnuz Sithole lushicilelwe kwiphephandaba iCourier ngeviki elindlule lichaza ngokufunakala kwezihlobo zikamufi. UMnuz Sithole wagulela esibhedlela saseDundee nalapho egcine ethathwa ukufa khona ngonyaka ondlule ngoDecember. Ngokusho kwezihlobo zikuqinisekisile ukuthi ngempela uMnuz Sithole ubesehlala yedwa ngemuva kokuba umama wake uMaMsimango amshiya emhlabeni nobekunguyena kuphela umuntu womndeni abesehlala naye.
Loludaba luka Mnuz Thabani lwavezwa ngomunye wamalunga omphakathi kwi Warroom yakwa wadi-4 nolwasukunyelwa phezulu uKhansela weWadi, uDudu Ncala. UKhansela kanye nethimba lakhe okungu Fisani Sibiya kanye Tororo Khenyende behle benyuka emavikini amabili endlule befunana nezihlobo zikaSithole njengoba ayebale izindawo zase Ekuvukeni, Thole kanye nakwaSomsuku njengezindawo okungathi unezihlobo kuzo. Ngokusho kuka Khansela uthi bafune bazebancama nokuthe uma bebuyela eDundee babika kuKaputeni Mbhese obe esenza imizamo yokuthintana neMedia okuyi Phephandaba i-Courier kanye noKhozi FM ukuba balushicilele loludaba emphakathini. Ngokusho kukasibari kamufi, uGugu Mchunu, obehamba nomshana wakhe umufi okungu Nontokozo Ndlovu bathi abazi ukuthi uThabani ubezibala kanjani lezizindawo washiya i-Lime Hill okuyiyona ndawo la umndeni wakubo obuhlala khona. Kodwa babonge ukuthi umndeni uzokwazi ukumfihla ngesizotha.



