Imboni yamatekisi eNquthu nentuthuko yomphakathi
Imboni yamatekisi eNquthu sebevule ihhovisi lakwa SARS ngaphakathi emahhovisini abo aserenki.

Wonke umuntu osebenzayo eNingizimu Africa ohola imali enele ukuthi angakhokha intela uphoqelekile ukuba akhokhele intela lokhu ungakwenza ngokuba uvakashele amahhovisi akwa South Africa Revenue Service (SARS) ukuze uqinisekise ukuthi awugcini usuzithola ukweleta uhulumeni.
Lenkampani yakwa SARS iqinisekisa ukuthi lokhu kukhokhwa kwentela kuyenzeka kuwowonke umuntu ongumsebenzi kulelizwe.
Imboni yamatekisi i-Nquthu Pioneer Transport Primary Co-operation Limited icele omele lenhlangano yakwa SARS ukuzofundisa aphinde aluleke amalunga ayo ngokubaluleka kokuvuselela amaTax clearance abo njalo ngonyaka kusenesikhathi. Amalunga alemboni yamatekisi kumele avuselele amaTax Clearence abo kathathu ngonyaka.
Ngo February, June kanye noAugust ukuze amatekisi abo ezokwazi ukuba nemvume egcwele yokusebenza emigwaqeni yakulelizwe.
Kuvelile ukuthi imboni yamatekisi esifundazweni sonke ibe nenkinga enkulu negcine ingenelelwa i-South African Taxi Council (SANTACO) nebimise kabi amatekisi.
Lokhu kuyithikamezile lemboni njengoba amanye amalunga ebengasakwazi ukuba athole izincwadi ezibagunyaza ukusebenza ngokuthutha umphakathi. UMnuz Mthandeni Ndlovu, onguSihlalo embonini yamatekisi eNquthu, uthi kunamalunga abo akade engasabizwa kwi-Hearing Board ukuba azonikezwa izincwadi zemvume yokusebenza. Uthi lenkinga u-SANTACO ugcine eyihlabe wayilamula.
Emhlanganweni obubanjelwe e-VA Makhoba Community Hall, eNquthu, ngomhlaka April 14, amalunga alinganiselwa ku 244 alemboni anikezwe ithuba lokuba alungise zonke izimfanelo zawo ukuze izimoto zawo zingakhishwa emigwaqeni ngenxa yokungabi nalo ilungele eligcwele lokusebenza.
UMnuz Ndlovu uthi sebevule nehhovisi ngaphakathi emahhovisini enhlangano lapho ilunga lakwa SARS lizokwazi ukusiza bonke osomabhizinisi nomphakathi wonkana waseNquthu ngazozonke izinkinga ababhekana nazo ezithinta abakwa SARS.
Lelihhovisi livulwa njalo ngoLwezithathu, kanti litholakala ngaphakathi emahhovisini enhlangano yamatekisi.



