communityLocal newsMunicipalNews

Lushubise isimo olwe-budget eSithembile

Umphakathi waseSithembile ukhalaza ngikubukelwa phansi nguMkhandlu waseNdumeni

Isimo besishubile eSithembile ngenkathi kwethulwa uhlahlomali lwesikhashana (draft budget) ngeviki elindlule. Lo mphakathi ukhalaze ngokubukelwa phansi,bethi abaziswa izinto ngesikhathi. Uthi lo mphakathi umkhandlu wase Ndumeni kumele ube nezinhlelo ezicacile zokuthi i-project izoqala nini iphele nini.

‘Bahlabe bahlikiza’ udaba lwe-Media Centre okumelwe yakhiwa kulendawo. Bathe loludaba lubhalwe ngesandla, lokhu abakuthathe ngokuthi udaba obelungekho kuhlahlo mali. Bakhalaze ngokuthi loluhlelo abaziswanga kusenesikhathi, bathi basola ukuthi ‘bayasetshenziswa’ ukuze kuphasiswe le-budget. Umphathizimali walomkhandlu, uNkk Bonga Mkhize ukugcizelelile ukuthi zonke izichibiyelo eziphakamiswe ngumphakathi kule-draft budget zizofakwa uma umkhandlu uvumelana.

UNkosikazi Bonga  Mkhize osanda kuqokelwa esikhundleni sokuba nguMphathizimali womkhandlu wase Ndumeni. Ubonakala no Mnuz, Silovo Mbatha kanye no Nkk Nombuso Zulu ehholo lomphakathi eSithembile.
UNkosikazi Bonga Mkhize osanda kuqokelwa esikhundleni sokuba nguMphathizimali womkhandlu wase Ndumeni. Ubonakala no Mnuz, Silovo Mbatha kanye no Nkk Nombuso Zulu ehholo lomphakathi eSithembile.

‘Bale ukhasha’ ngodaba lokwakhiwa kwehholo e-Wasbank. “Kungani umkhandlu uchithe imali engu R4million ukwakha ihholo e-Wasbank ekubeni umphakathi wakuleya ndawo umncane kunowase Sithembile,” kusho amalunga omphakathi. Uqhube wathi lomphakathi, bazolinda umkhandlu uma usubuya okwesibili ukuzobatshela ngezichibiyelo abazenzile.
Kube sekubuzwa uMnuz Slovo Mbatha, isikhulu kwamasipala, ukuthi zishonaphi izimali zika-Dundee July ezifakwayo minyaka yonke. Kulonyaka umkhandlu ufake imali engu R450 000. UMnuz Mbatha ube esechazela umphakathi ukuthi azikho izimali ezinikezwa uMkhandlu wase Ndumeni ngabaxhasi,”lo mcimbi uxhaswa ngumkhandlu wase Mzinyathi kanye noMnyango wakwa-Arts And Culture,”kuchaza uMnuz Mbatha.

UMnuz Silovo Mbatha osebenza eMkhandlwini waseNdumeni.
UMnuz Silovo Mbatha osebenza eMkhandlwini waseNdumeni.

Batshengise intukuthelo enkulu mayelana nodaba lwezindlu zomxhaso abathe, ‘amanye amalunga omphakathi asekhishiwe amagama abo’. Bathi loludaba kumele luphenywe kabanzi, kuboshwe ababoshwayo.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button