communityLocal newsMunicipalNews

UMasipala waseNquthu uletha intuthuko kubantu

Umphakathi kudingeka ukuba ufake amaguzu ukuze uzokwazi ukuxhafuza odakeni njalo uma imvula inethile.

Usizi nenhlupheko sekuzoba yinto ewumlando endaweni yase Thelezini kanye neyase Pitso kulandela ukwakhiwa kwemigwaqo kulezizindawo. UMasipala waseNquthu, oholwa nguMeya NE Molefe, uhlabe isoyi lemigwaqo uPitso kanye no Thelezini emavikini ambalwa endlule.
Umgwaqo wasendaweni iSiyamthanda, esigodini saseThelezini ngaphansi kweNkosi uMolefe usuqaliwe kanti uvulele abantu bendawo abangu 13 amathuba omsebenzi. Imali yokwakha lomgwaqo ingu R3,6 million kanti ubude bomgwaqo bungu 2,5 km. Lomgwaqo uzoba ne-storm water drainage system kanti futhi kuzokwakhiwa nebhuloho kuwona. Emcimbini obubanjelwe kulendawo, lowo ongu Sekela Meya, uKhansela Kunene, ukhuthaze umphakathi ukuba uphathise amakhansela lokhu akufisa kwenziwe ezindaweni zabo.
Uwubongele kakhulu umphakathi ngentuthuko olethelwa yona. Ukubalulile naye ukuthi lendawo yaseThelezini bekungahambeki uma linethile, izimoto zingakwazi ukungena kanti abantu bekudingeka bafake amaguzu ukuze bezokwazi ukuxhafuza odakeni.UKhansela wendawo uMnuz Manqukela Moloi, uthe naye kuyamujabulisa okukwenzeka kulendawo ayiholayo ngoba sekusho ukuphela kokuhlupheka komphakathi obukade ubisha odakeni njalo malinile. Uthi nama ambulense asezokwazi ukuba angene, kanjalo namatekisi, “ngeke abantu besashiwa emgwaqeni noma izulu linetha,”kusho uMoloi. USodolobha wendawo u-Emily Molefe unxuse umphakathi ukuba ubaphathe kahle abantu abazofeza lomsebenzi, bangatshontshelwa izinto zabo.
Uphinde wacela nomphakathi ukuba nawo ube yihlo, ubheke ukuthi umsebenzi uqhubeka ngendlela yini, kungabibikho abantu ‘abathatha, izinto zokwakha esayithini.’ Ube esenikezela ngokudla kuleyomindeni ehlongayo nokuwusiko mpilo kulomkhandlu njalo mabebambe imicimbi efuze lena ukuba kubekhona abantu abathola ukusizakala ngalesosikhathi.
UPitso road okungumgwaqo owakhiwa endaweni yase Pitso khona futhi eNquthu, wona uzodla imali engu R2,2 million, umgwaqo ungu 3,5 km nawo uzoba ne-storm water drainage system. Kanti kule projekthi, angu 11 amathuba avulelekile omsebenzi kubantu bendawo.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button