communityCommunity galleriesCrimeGalleriesLocal newsMunicipalNews

Bebekhala ezimathonsi kubekwa uThisha noMfundi wakhe

Usizi nomunyu kubekwa iSekela likaThishanhloko kanye nomfundi endaweni yabo yokugcina ngeSonto endaweni yaseNquthu.

Usizi nomunyu kubekwa iSekela likaThishanhloko kanye nomfundi endaweni yabo yokugcina ngeSonto endaweni yaseNquthu.
UMnuz Vusimusizi Ntombela obenguSekela thishanhloko esikoleni i-Luvisi Primary kanye nentombazanyana u-Elizabeth Nhleko ena (13) obenza ibanga lesine kulesikole baphelekezelwe izinkumbulu zabantu okubalwa kubo uNgqongqoshe wezeMfundo kwaZulu Natal, uPeggy Nkonyeni, uMama weSizwe,Thobeka KaMadiba Zuma, Dokotela Sishi oyinhloko yomnyango wezeMfundo KwaZulu Natal.
Omunye umfundi owadubuleka kulesigameko, isimo sakhe sibucuyi esibhedlala, badutshulwa ekilasini mhlaka 2 June phambi kwabanye abafundi ngesikhathi kubhalwa isivivinyo se-Social Science. UMnuz Ntombela yena waphelela khona lapho kanti u-Elizabeth yena waphelela esibhedlela i-Charles Johnson Memorial. UMnuz Ntombela ubefundisa i-mathematics, ubephinde abe nguSomlomo emkhandlwini waseNquthu.
Udutshulwe amahlandla amathathu ‘inkabi’. Othisha, abazali, umphakathi kanye nabaholi bakhuze bababaza lesisenzo abasibize “ngamanyala.” Bathathu abasolwa abavele phambi kwenkantolo kamantshi yaseNquthu ngoLwesine. Abasolwa ngu Mbongiseni Mdakane okukholakala ukuthi nguyena owadubula. Umsolwa wesibisi ngu Mbhekiseni Khambule okuthiwa ungusihlalo ka ANC kwi- branch yase Sandlwane, ubuye abe ngu nogada we Meya yase Nquthu. Umsolwa wesithathu ngu Bhekizenzo Dlangamandla naye okuthiwe ungusihlalo we -branch ye ANC e-Hlathi Dam. Kuthiwa imoto eyasetshenziswa ukuhlasela yayi shayelwa unogada ka Meya wase Nquthu.
Kanti futhi kuthiwa le moto isetshenziswa yilonogada.
UMeya waseNquthu, uKhansela Emily Molefe yena uyaziqhelelanisa nalesisehlakalo.
Isinqumo senkantolo
Inkantolo ibigcwele abantu ‘bebebulala inyoka’ ngaphandle nangaphakathi amalunga omphakathi ebefuna ukuzibonela ngawabo lezigelekeqe. Amaphoyisa aze aphoqeleka ukuba angenise abathintekayo kakhulu ukuba bezolalela icala obekungabemindeni yomibili, othisha besikole sakwa Luvisi, osopolitiki kanye nabezindaba.
Icala lihlehliselwe umhlaka 10 June. UMshushisi Zungu unxuse inkantolo ukuba abasolwa bagcinwe ezindaweni ezahlukene nathe kwenzelwa ezokuphepha.
NgoLwesithathu uNgqongqoshe uPeggy Nkonyeni ehambisana noDokotela Sishi kanye nezinye izikhulu emnyangweni wezeMfundo kanye noMeya waseMzinyathi, James Mthethwa, bavakashele lesikole ukuzobabaza, baduduze imindeni elahlekelwe.
UNgqongqoshe uNkonyeni uthe ubelindele ukuthi isikole mhlawumbe sakhiwe endaweni eyihlathi kodwa umangele efica isikole sibiyelwe futhi sinonogada nathe ‘kuyabonakalisa ukuthi isikole esihlelekile.’
Akade bekhuluma enkonzweni yokuvalelisa bachaze uMnuz Ntombela njengomuntu obephansi futhi enenhlonipho. Ubhuti wakhe obekhulumela umndeni, uSimphiwe, uthe “umfowethu ubewuthanda kakhulu umsebenzi wakhe wobuthishela futhi ngosuku ashona ngalo wayefake uthayi okuwuphawu lokuhlonipha ezemfundo, ngaphansi kwehhembe ubefake isikipha sikaKhongolose nokuwuphawu olukhomba ukuthi uyayithanda lenhlangano kanye nokusebenzela umphakathi.”

Labasolwa babekwe amacala amabili okubulala, awokuzama ukubulala, awokukhomba ngesibhamu kanye namabili okutholakala nezinhlamvu.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button