communityLocal newsNews

Imibiko ngemisebenzi yama war-rooms eNquthu

Amawadi angu 17 aseNquthu anikezwe umeneja ophuma esifundazweni ukuba kube nguyena ohola lokusebenza futhi athule nombiko ngalolusuku.

Izinhlangano zika Sukuma Sakhe zihlanganyele emahhovisi kaMasipala eNquthu emavikini endlule ukuzothula imibiko njengoba bezihambele izindlu zobubha (war-rooms) kulendawo. Lezizinhlangano bezibheka ukusebenza kwama war-rooms, ziphinde zavakashela imizi eyaqokwa ngonyaka ondlule ukuba isizakale ngezinkinga. Lapha bekubhekwa ukuba leyomindeni yasizakala kanjani.
Amawadi angu 17 aseNquthu anikezwe umeneja ophuma esifundazweni ukuba kube nguyena ohola lokusebenza futhi athule nombiko ngalolusuku. Nakuba amanye ama wadi engaphumelelanga ukuba semhlanganweni kodwa izimenenja ebezikhona zibonise ukuthokoza ngokusebenza kwamawar-room akade bewavakashele.
Phakathi kwezinkinga ezivelile nezicishe zafana kubalwa kukho amakhaya angenabantu abasebenzayo. Phakathi kwalawo makhaya kutholakale ukuthi kukhona nabantu abaphila nezifo ezingalapheki. Inkinga enkulu kulemizi ukungabibikho kokudla, nokugcine amawar-room elekelela leyomizi ngokuba ithole uxhaso lokudla. Eminye imindeni kutholakale ukuthi idinga ukwakhelwa izindlu njengoba inhlalo yayo ingekho esimweni esigculisayo.

Eminye yalemindeni yabhidlikelwa amakhaya ngenxa yezikhukhula kanye nemimoya enamandla. Kwezinye zezimo ezibaliwe kube amakhaya aphethwe izingane lapho abazali kungaba ukuthi sebadlula emhlabeni kepha kweminye kuvele ukuthi abazali bazishiya zodwa izingane zinganakekeleki. Lemizi kudingeke ukuba inikezelwe ngokudla kokunye abantwana bagcine bethola ukuxhaswa nangemifaniswano yesikole.
Olunye udaba oluvelile emawadini evile kwamabili kube udaba lwabantu abanenkinga yamapasi okuthiwa izinombolo zabo zisetshenzizwa ngabanye abantu. Oyedwa walababantu unyaka azalwa ngawo akusiwona kanti lokhu kwenza ukuba abambezeleke ukuthola impesheni. Izindaba ezinhle azishiywanga ngaphandle lapho kunconywe khona amalunga eminye imiphakathi athathe ingxathu ekuzithuthukiseni ukuze alwe nendlala.
Lapha kubalwa khona inkosazane eqale ibhizinisi lokuthengisa izinkukhu ukuze ikwazi ukondla umndeni wayo. Abanye kube amalunga atshale izitshalo nasezokwazi ukuzithengisa kulandela ukungenelela kwewar-room.USodolobha, Emily Molefe, ubonge kakhulu abahambele lomhlangano ngeqhaza labo abalibambile ukwenza umehluko ezimpilweni zabantu baseNquthu. Uthi lowo owayenguNdunankulu wakwa Zulu Natal uMnuz Zweli Mkhize ngesikhathi eqala loluhlelo lukaSukuma Sakhe wathi ” akusukunywe kwakhiwe isizwe.” Uqhube wathi “bekungelula neze ekuqale njengoba abantu bebengaqondi ukuthi loluhlelo luza nani.”
Uthi uyafisa ukuba amakhansela onke ahambele imihlangano kuma war-rooms ukuze ezokwazi okwenzakalayo ezindaweni abaziholayo. Uthi ukuba khona kwawo kungasiza ekwenzeni ukusebenza kwamawar-room kupheleliseke.

Uphethe ngokuthi ama war-rooms aseNquthu anakhokonke okuyizinsiza kusebenza okusele ukuba amakhansela azibonakalise, abekhona ngasosonke isikhathi emihlanganweni yama war-rooms.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button