Udlule engozini yemoto uMnuz Vusi Khoza obenguSihlalo wegatsha i-Lucky Mavundla, eNquthu. Ingozi yenzeke ku R34 ngase Newcastle ngezikhathi zasekuseni ngomhlaka 24 July. UMnuz Khoza ubehamba yedwa ngesikhathi elibhekise emsebenzini, e-Ncome Prison.
Kusolakala ukuthi izinkungu ebezikhasa phansi kanye nemvula kube nomthelela njengoba eshayise maqeda wangena ngaphansi kwe -truck washonela khona lapho.
Umfo ka Khoza ubaziwa kakhulu ngeqhaza lakhe abelibambe enhlanganweni ka African National Congress (ANC) njengoba ebenguSihlalo wegatsha kuwadi 14, eNquthu. Iqhaza lakhe alibambe ku- ANC libe negalelo elikhulu ekulekeleleni leliqembu.
Ubephinde abe ngu Sihlalo enhlanganweni elwela amalungelo abasebenzi i-COSATU khona futhi endaweni yaseNquthu. Lowo ongumngani wakhe nakade eqhuba naye umsebenzi kaKhongolose, uMnuz Yatiso Molefe, uchaze uKhoza njengomuntu wabantu futhi engumuntu okwaziyo ukuqinisa iqembu. Echaza ngendlela uKhoza abeyiyona uqhube wathi “ubeyazi inhlangano ka-ANC, azisa wonke umuntu, omdala nomcane.”
UNkk Cecilia Khoza,oyilunga lomndeni, yena umchaze njengomuntu obewubumba umndeni wakhe, “engumxhumanisi.” Uthi ubengafuni ukubona amalunga omndeni wakhe engenalutho, ubenothando futhi evulelekile enhliziyweni.
Ushiye uNkosikazi wakhe, uBongi Khoza , indodakazi yakhe eyodwa, umama wakhe, abafowabo abathathu kanye no dadewabo ababili.
Uzofihlwa eNewcastle ngoMgqibelo.



