communityLocal newsMunicipalNews

I-NFP izicijela ukhetho

UNkk Nhlebela unxuse abalandeli beNFP ukuba babumbane bangavumeli ukushintshwa imiqondo ngabanye abantu.

Amalunga eNational Freedom Party abonakale nemibala yeqembu layo edolobheni laseNquthu bethi ‘baginqa amawolintshi’. Lenhlangano ibibambe umbuthwano wayo obuhlelwe ihhovisi laseNquthu eliholwa umama ET Nhlebela ongu Sihlalo wesiyingi eNquthu.
Ubuholi obuvela esifundazweni kanye nakusifunda saseMzinyathi buzwakalise ukwenama ngobekwenzeka ngalolusuku. Amalunga alenhlangano abesho ngokungananazi ukuthi “ukhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo luzothathwa i-NFP.”
UNkk Nhlebela unxuse abalandeli beNFP ukuba babumbane bangavumeli ukushintshwa imiqondo ngabanye abantu.
Uthi abafisi kube khona abantu abazoqhamuka ngaphandle bazobahlukanisa.
Ubechaza lokhu ngesikhathi egqugquzela indaba yoxolo ngaphakathi eqenjini nathe “inhlansi yabantu abasaxova iqembu isekhona, kodwa eNquthu ukuzwana kukhona.”
Kulombuthwano kuqopheke umlando lapho uSihlalo uNhlebela enikezela ngezindondo kusekela Sihlalo kanye noNobhala wakhe. Akugcinanga lapho, uphinde wanikezela ngezindondo emawadini enze kahle selokhu unyaka uqalile, aba namalunga amaningi ajoyinile.
Iwadi elithathe isithathu kube uwadi-15 ngamalunga angu 780, kwalandela uwadi-11 ngamalunga angu 980 kwathi iwadi elihambe phambili kwaba ngu wadi-13 ngamalunga angu 1200. Ilunga lesigungu esiphezulu uMnuz Bhungu Gwala uthi Nkk Nhlebela wenze okuncomekayo nokutshengisa ukuthi ‘umuntu akazose akwazi ukusebenza yedwa kodwa udinga abantu abazomlekelela ukuqhuba umsebenzi ngendlela’.
Ukushayele kakhulu ihlombe lokhu kubongwa kwamalunga. Lomcimbi uvalwe ngokuba kunikezelwe ngezingubo zokulala ezingu 20 kwimbokode ebithamele lombuthwano kwaphindwe kwanikelwa nangamaphasela okudla kweminye futhi imindeni engu 20.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button