Omama bemboni yamatekisi baguqula ‘isimo’
"UMnuz BB Zondi ongusihlalo kaSANTACO kwisifundazwe saKwaZulu Natal uyena muntu wokuqala kulemboni yamatekisi owenze izinto zenzeka."

Isiphinde yenza okuncomekayo imboni yamatekisi i-South African National Taxi Council (SANTACO) ivala inyanga yabesifazane. Omama abangamele lemboni banikezele ngezipontshi, izingubo zokulala, amakhava ombhede kanye namashidi angu70 impahla ngayinye ekhaya labadala i-Evangelist Lutheran Church Emseni Old Age Home endaweni yase Rorkes Drift. Kube indumezulu yomcimbi obuhlelelwe khona eMseni Old Age Home nobuhanjelwe izikhulu zayo lemboni kanye namalunga abesifazane abayinxenye yeSANTACO.

Kulo mcimbi bekuzo bungazwa inyanga yabantu besifazane ngokuba kuzobongwa ogogo nomkhulu abake bayisebenzisa lemboni ngemihla yabo. Kuphindwe kwakhulekelwa ‘ukuchitheka kwegazi’ kulemboni okuyizingozi emgwaqeni kanye nezimpi ezikhungethe lemboni kulolonke elakuleli.’ UNkk TG Buthelezi, onguSihlalo womama ku SANTACO eMzinyathi, ethula inkulumo yakhe ululeke ngokuthi amakhosikazi kulemboni awame isibindi akhulekele ‘ukuchitheka kwegazi.’ Uthi “asisafisi ukulahlekelwa ngabantu ngesibhamu emarenke, ingakho sikhulekela ukuthula.

UMnuz Mandla Mzeleku ongumxhumanisi kwiProvince uncome umsebenzi owenziwe omama bakulemboni yamatekisi ngokubaletha Emseni. Ubanxuse ukuba bangapheli amandla kepha baphokophelele phambili ukusiza lemboni ikhule njengebhizinisi. Uthi, uMnuz BB Zondi ongusihlalo kaSANTACO kwisifundazwe saKwaZulu Natal uyena muntu wokuqala kulemboni owenze izinto zenzeka njengoba yonke lemicimbi nokubalwa kuyo lowo waminyaka yonke wokunikezela ngenyumfomu yezikole kubantwana abaswele kwaba nguyena owalifezekisa leliphupho, abanye behlulekile endleleni.” Uqhube wathi ” i-SANTACO inhlangano okumele ivele kubantu, iphinde ibuyisele kubona futhi abantu. UMnuz Zondi uyena mholi wokuqala osenze umehluko ezimpilweni zabantu,”kubeka okaMzeleku.

Phakathi kogogo nomkhulu abahlala kulendawo kunoMnuz Zulu, ungomunye wabasunguli bezokuthutha, okungamatekisi. Uthi kuyajabulisa ukubona inhlangano okungesiyona ekahulumeni izobamba iqhaza ekusizeni umphakathi ngaloluhlobo. Uthi inhloso yabo ekusunguleni lemboni kwakungukusiza umphakathi, kwakungekona ukuthi ‘kuchithwe igazi’ njengoba kwenzeka manje. “Ngesikhathi sisungula lemboni yamatekisi alikho igazi elachitheka kithi,”kuchaza uZulu. Emseni Old Age Home yasungulwa ngeminyaka yawo 1960, iyikhaya logogo nomkhulu abaqhamuka ezindaweni eziningi kulelizwe laseMzansi nangaphandle.
UNkk Marygold Mncube ophethe kulendawo uswele amazwi okubonga kumalunga emboni yamatekisi ngokubakhumbula ngalesisikhathi. Emseni Old Age Home iyisikhungo esisadinga kakhulu ukulekelelwa ekwenzeni inhlalo yalezizaguga ibengcono kakhulu kunalokhu eyikhona manje.



