communityLocal newsNews

Abazukulu babonga impilo kamkhulu (90)

UMnuz Hlatshwayo wabusiswa ngabantwana abangu 11, bona abamubusisa ngabazukulu abangu 32 bese isizukulwana sabangu 20

Indumezulu yephathi ebiyenzelwe isaguga sakwa Hlatshwayo senzelwa ngabazukulu baso mhlaka August 22. UMnuz MJ Hlatshwayo obuye aziwe ngelika ‘Shebeleza’ ubeqeda iminyaka engu 90 selokhu abakhona emhlabeni. Umndeni wakhe, izihlobo kanye nabangani bahlanganyele ekhaya KwaHlatshwayo ukuzobungaza lolusuku olungandele muntu. UMnuz Hlatshwayo uhluleke nawukuzibamba ekhaliswa injabulo. Wazalwa ngonyaka ka 1925 August 16.

Some of the old man's grandchildren. They wore orange T-shirts as a reminder of this special day they made for their 90-year-old grandfather.
Some of the old man’s grandchildren. They wore orange T-shirts as a reminder of this special day they made for their 90-year-old grandfather.

Abazukulu abasuka ngisho eGoli bebekhona ukuzohalalisela umkhulu ngesikhathi asesichithile emhlabeni. Umcimbi ubusekhaya kwaHlatshwayo endaweni yaseKhuphe ngaseSunSet. Kume itende ebeligwele abantu akade bethamele lomcimbi. Abazukulu bakamkhulu bathi babonga umusa kaNkulunkulu ngokubagcinela umkhulu wabo osakwazi ngisho ukuzihambela engabanjwanga. Bathi umkhulu usakwazi ngisho nokufunda amaphephandaba ngaphandle kwenkinga. Izikhulumi zimuchaze njengomuntu ongazwani nezinto ezithe phecelezi kanti futhi bathi ukhuthele kakhulu.

 

The old man, Mr Hlatshwayo could not help himself and cried tears of joy.
The old man, Mr Hlatshwayo could not help himself and cried tears of joy.

Odadewabo nabafowabo bakamkhulu babonge kakhulu uNkk Doris Hlatshwayo ongumakoti wendodana kamkhulu yesihlanu ngokubaphathela kahle umfowabo noma sekunjani. Ukwenza lolusuku lube isikhumbuzo abazukulu benze izikipha ezi-orange ezibhalwe usuku lokuzalwa lukamkhulu. UMnuz Hlatshwayo wabusiswa ngabantwana abangu 11, bona abamubusisa ngabazukulu abangu 32 bese isizukulwana sabangu 20. Izikhulumi zonke zimufisele ukuba iminyaka yakhe yokuphila iphinde inezezelwe emhlabeni.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button