communityCrimeLocal newsNews

Ugwazwe uzakwabo erenke yamatekisi

Uvele kafushane enkantolo kamantshi yase Nquthu.

Umphakathi wase Nquthu usale ubambe ongezansi ngesikhathi kugwazwa umshayeli wetekisi egwazwa uzakwabo erenke yamatekisi eNquthu ngoMgqibelo ondlule.
UMnuz Xolani Khanyile wase Mondlo usale enkundleni ngesikhathi egwazwa amahlandla amabili nguzakwabo u-Sipho Hadebe kubangwa ukulayisha.

Kuthiwa impi iqale erenki yase Mondlo lapho umufi nozakwabo bebambane ‘ngamankomane’ nalapho okuthiwa uHadebe washaywa kanzinyana.

Kuthe mabefika erenki yaseNquthu kube ilapho okuthiwa uHadebe wabe esegwaza uzakwabo phambi kwabagibeli erenki.

Amaphoyisa amthola ngelanga elilandelayo endaweni yaseNdindindi okusolakala ukuthi ilapho eqashe khona.

Uvele kafushane enkantolo kamantshi yase Nquthu.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button