communityLocal newsNewsPaparazziYouth Revolution

Kuqhakambiswa amagugu nasezinkonzweni

Izinhlanga ezahlukene zihlangene ndawonye ukuzoqhakambisa amasiko azo.

Ibandla lama Zion ligubha usuku lwamagugu.
Ibandla lama Zion ligubha usuku lwamagugu.

Ibandla lama ‘New Free In Zion’ elizinze eGlencoe beligubha usuku lwamasiko lapho kuthulwe izinkulumo ezakhayo. Leli bandla liholwa nguMfundisi Vilakazi, belihlobe ngezimvunulo zesintu ezahlukene. Ngaphambi kwedili elithi alifane nelikamkhipheni kwethulwe izinkulumo ezakhayo nezikhuthazayo lapho kugqugquzelwe abantu ukuba abawahloniphe amagugu kuqhakabiswe nemvelaphi.

Bekusinwa ngophakathi kudliwa ukudla kwesintu emcimbini wokugubha amasiko esontweni i-New Free In Zion.
Bekusinwa ngophakathi kudliwa ukudla kwesintu emcimbini wokugubha amasiko esontweni i-New Free In Zion.

Kugqugquzelwe nenhlonipho ebandleni lapho intsha yona ikhuthazwe ukuba iziphathe kahle ukuze ibe ngabaholi abaqotho. Kuphindwe kwakhulekelwa ukuba izwe libenokuthula. Ngemuva komcimbi abazalwane bazitike ngayoyonke inhlobo yokudla kwesintu.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button