Ubumbano Lwamabandla Ahlangene, nomkhuleko
Kundlluliswa isimemo kwinzinkonzo ezahlukene maqondana nomkhuleko

‘Ubumbano Lwamabandla Ahlangene’ lwendllulisa isimemo kwinzinkonzo ezahlukene esimaqondana nomkhuleko ozoba sehholo lomphakathi eSibongile ngomhlaka 5 December ngo 9 ekuseni. Kulenkonzo kuzobe kuzokhulekelwa izidakamizwa ezibhidlange kulomphakathi, ukweswelakala kwemvula esidale isomiso esikhulu kanye nokubulawa kwabantu, ikakhulukazi ukubulawa kwamaphoyisa.
Kucelwa zonke izinkonzo kanye nosomabhizinisi ukuba bafake isandla ngananoma ngayini ezokwenza ukuba lenkonzo ibe yimpumelelo njengoba kulindeleke ukuba kube khona namanye amakholwa akwezinye izindawo. Ungaxhumana no Mfundisi Memela ku- 071 647 2025, Ma Sokhela, 072 240 6617 noma Pastor Buthelezi, ku-076 208 9600.



