communityLocal newsNews

Uphume ngebheyili owokushaya umfana eNquthu

Inkantolo ikuqinisekisile ukuthi ngeke alubhade emzini wakhe oseGrace engaphelezelwa amaphoyisa.

Ukhishwe ngebheyili ka R1000 uNkk Nkeletseng Ngobese wasendaweni yakwaGrace, eNquthu, obengundabuzekwayo emavikini adlule ngokushaya ngesihluku umfanyana oneminyaka engu 10. I-video eqoshiwe esatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana ibonisa lo wesifazane ebophele umfanyana oyisisulu esigxotsheni ngentambo entanyeni kanti uphinde amubhambabule ngemvubu nange nduku.

Lo wesifazane wayesola umfana kanye nabangani bakhe ababili ngokweba izikhiya zomuzi wakhe, ukudla, imali kanye nomakhalekhukhwini. NgoLwesithathu odlule inkantolo kamantshi yaseNquthu imudedele ngebheyili kanti ikuqinisekisile ukuthi ngeke alubhade emzini wakhe oseGrace engaphelezelwa amaphoyisa. Ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

Phambilini ummeli kammangalelwa, uSkhumbuzo Sangweni, wayefake isicelo sebheyili lapho umphenyi wecala wasichitha ngesizathu “sokwesabela impilo kammangalelwa emphakathini.” Isisekelo sokuphumelela kwalebheyili kube ukuthi ummangalelwa unomunye umuzi angahlala kuwo anyamalale emphakathini othukuthele, unezingane ezimudingayi, kanti futhi akakaze walahlwa icala ngaphambilini.

Umphenyi wayezichithile lezisekelo phambilini, kodwa inkantolo ikuqinisekisile ukuthi uMnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo uzoqinisekisa ukuphepha kuka mmangalelwa emzini wakhe ose-Utrecht.
Umphakathi kanye namalunga omndeni alandela lelicala awaneme neze ngesinqumo senkantolo sokunika ummangalelwa ibheyili.

Ilunga lomphakathi ebelithukuthele lithe “inkantolo iyaganga akekho ongabonanga ukuthi lomfazi wenzeni. Nengane siyibonile wayilimaza, umuntu onjena uyithola kanjani ibheyili? Thina asisenawo umthetho.” USindi Ndlovu (18) uthi wayephuma esitolo nabazala bakhe ngenkathi umphakathi ugcwele emagcekeni kammangalelwa ngesikhathi sesigameko.

Uthi “kwakungasondeleki, ummangalelwa esijikijela nangezitina ethi sizobuka i-bioskop, sabona isibhamu enqulwini sesaba ngisho ukungena ejalidini.” Umphenyi wecala waveza ukuthi isibhamu lesi ummangalelwa ayethusa ngaso amalunga omphakathi kwakuyithoyizi elifana nesibhamu sangempela nokuyilona elathusa amalungu omphakathi awangakwazu ukusondela alamulele umfanyana. Icala lihlehlele umhla zingu 27 November.

UJabu* usagcinwe endaweni ephephile ekhaya labantwana ngoSonhlalakahle baseNquthu nalapho esaqhubeka nezifundo zakhe zebanga lesithathu. Udadewabo u-Thabisile Mnyandu uqinisekisile ukuthi umfowabo uyaqhubeka nokufunda kanti uthi futhi useluleme. No-Anti kaJabu, u-Happiness Zulu, uthi umfana ululeme.”Okokuqala ngiyombona wayengasangiboni kungathi umqondo wakhe uphazamisekile, wahlukumezeka kakhulu,”kusho uHappiness.

Kuthiwa uJabu wayevuvuke intamo yonke iluhlaza ngemuva kwesigameko kanti waphinde walimala kanzima emzimbeni nase ekhanda. Oyilunga lomphakathi ongathandanga ukudalulwa uthi uNkeletseng wahamba wayofuna abangani bakaJabu emakubo kodwa akangaphumelela njengoba abazali balabo bafana bamthembisa isibhaxu bevikela izingane zabo.

Lomthombo othembekile uke wasebenza nomsolwa ngaphambilini kanti uyakuphika ukuthi isibhamu okwathuswa ngaso umphakathi siyithoyizi. “Ngiyasazi lesasibhamu esakhe futhi sisemthethweni,” kuchaza umthombo. Uphinde waveza ukuthi uJabu nabangani bakhe bawuhlupho endaweni. Uthi “umushaya nje uNkeletseng bekufanele, ziwuhlopho lezazingane akekho ongazi.” UNkk Nkeletseng ungumama wabantwana abathathu oyedwa wabo ophila nokukhubazeka.

Akasebenzi ubheka abantwana bakhe nesithabathaba somuzi wakhe ngesikhathi umnyeni wakhe engekho esemsebenzini. Umnyeni wakhe akathandanga ukuphawula ngaloludaba uthe “icala lisaqhubeka enkantolo akukho mina engingakusho.”
*UJabu akulona igama lomfana langempela.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button