Editor's choiceLocal newsMunicipalNews

Isimanga owesifazane edishizela ngedilozi erenke yamatekisi eNquthu

Kubonakala sengathi kunedimoni lokunqunula kwabesifazane eNquthu ngoba omunye wesifazane ongumhlengikazi e-Nquthu, wabonakala naye edle amponjwana edansa enqunu emgwaqeni ku-Vryheid Road endaweni yase Zinkondlwaneni eyakhelene nedolobha.

Awuwuvalanga umlomo umphakathi kanye noSomabhizinisi baseNquthu ngenkathi owesifazane ongaziwa emodela ngedilozi elimhlophe edolobheni ngoLwesihlanu. Lentokazi ibukeka ibalelwa eminyakeni engu 25 kuyaphezulu.
Asaziwa isizathu salesenzo, kodwa umphakathi uthi lesenzo bekungathi yiphupho noma umdlalo kama bonakude. Omunye wosomabhizinisi othe akugodlwe igama lakhe osebenzela kulerenke endala, uthe “Ngineminyaka engaphezu kweyishumi ngisebenza lapha kodwa angikaze ngayibona into enje, ngibona sengathi usisi lo.. akaphelele kahle ekhanda.”
Abanye bathi lo wesifazane uyaphila kodwa babona sengathi ukhona umkhuba aphezu kwawo. “Isimanga lesi intombazane engena mahloni noma isilandelwa ngumphakathi ibanga elide kangaka ayithuki, kukhona aphezu kwakho ngempela,” kusho uSanele Mthombeni wase Mafihleni eNquthu osebenzela kwesinye sezitolo esisedolobheni.

Lentokazi ibukeka iphila ngomqondo, ibimbethe okusashethi elimhlophe, kanye nephenti elimhlophe, egaxe izikhwama ezimbili sengathi ubuya ezindaweni zasemadolobheni amakhulu.

nquthualady (Medium)
Abaningi bathi, baqale ukumulandela losisi emarobhothini ngenkathi elibangise erenke endala. Lo sisi ulandelwe ifu lomphakathi okubonakale nabafana abancane akade bephambili behleka abanye bebabaza umhlola, bekhombisana okuthile.

Owesifazane akazamanga nakugijima okanye avule izikhwama zakhe, athole okokuhloniphisa umzimba kodwa ubemodela waze washo phakathi etekisini yaseNondweni, egcine ingungwa iqulu labantu, ebebabaza lo mhlola. Kanti u’Sisters’ ugcine ngokugqoka isiketi ngenkathi esesetekisini kanti itekeisi libe selihamba naye wafika wehla e- police station.
Lendida ize yalanyulwa ukufika kwamaphoyisa aseNquthu akwazile ukuhlakaza isixuku ebesikade singunge itekisi ebingasakwazi nokuphuma esitendeni, amadoda ebenamathele emawindini efuna ukubona isibutubutu ebesisho ngamathanga.
Kubonakala sengathi kunedimoni lokunqunula kwabesifazane eNquthu ngoba omunye wesifazane ongumhlengikazi e-Nquthu, wabonakala naye edle amponjwana edansa enqunu emgwaqeni ku-Vryheid Road endaweni yase Zinkondlwaneni eyakhelene nedolobha.
Abahlala kulendawo bathi into ejwayelekile ukuthi lo owesifazane uma esedle utshwala aphume nqunu agcwale umgwaqo.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button