Kugqugquzelwa impilo encono kubantu abadala
Lapho bezogxila kweminye imidlalo njengokuGijima, Netball, Volley Ball kanye nama-Beauty Contest.

Abesifazane abane abayizakhamuzi zaseNondweni elokishini lase Nqutu sebesungule inhlangano yokuhlanganisa ogogo nomkhulu ndawonye ukuze bathole ukushaywa ngumoya futhi bazijabulise njengoba behlala ngokucabanga njalo ngokukhulisa izizukulwane zabo ngemali yabo yempesheni.
UHlengiwe Nyandeni, Thoko Nyandeni,Tshengi Luvuno kanye noThabile Buthelezi baqale ukuhlanganisa abadala ngenyanga kaZibandlela ngonyaka ondlule lapho babebahlelele khona imidlalo yokuzivocavoca eNondweni.
Bathi ogogo namanje basakhala ngempinda ngoba bathi emva kokudlala ibhola lezinyawo bazizwa bephilile futhi bejabule kakhulu ukuba ndawonye.
UThabile Buthelezi uthe ogogo bazoba nenhlangano yabo i-Vezuthando maduze nje, kanti futhi njengoba ogogo befuna impinda basezinhlelweni zeminye imidlalo ngenyanga kaNhlolanja lapho bezogxila kweminye imidlalo njengokuGijima, Netball, Volley Ball kanye nama-Beauty Contest.



