Kukhalazwa ngesikhungo samaphoyisa eNquthu
Awuphephile umphakathi wase Mangeni esigodini sakwaHlazakazi njengoba isikhungo samaphoyisa sivala ngamahora athize kuphela.

Awuphephile umphakathi wase Mangeni esigodini sakwaHlazakazi njengoba isikhungo samaphoyisa sivala ngamahora athize kuphela.
Amalungu omphakathi kulendawo abike ukuthi lesikhungo sifana nesingekho ngoba asinabasebenzi kodwa kusuka amaphoyisa aseNqutu edolobheni afike ahlale amahora ambalwa bese ayavala ngesikhathi esithize.
Ilunga lomphakathi elingathandanga ukuzidalula lithe “angiboni ukuthi abantu bayasizakala, ayikho indaba yalesikhungo ngoba nasemini kuyenzeka ufice kungenamuntu”.
Uthe lesikhungo sivulwa amaphoyisa aseNquthu ngehora lesikhombisa ekuseni sivalwe ngehora lesine ntambama. Uqhube wathi ziningi izigameko zobugebengu endaweni ezidinga usizo lwamaphoyisa ngokushesha kodwa alutholakali.



