Uyaqina umkhankaso wokulwa nobugebengu emakhaya
Ngokusho kwabaholi balezinhlangano inhloso enye yalemicimbi bekungukuzobonga amalungu kanye nomphakathi jikelele ekubambisaneni kwabo enyakeni odlule.

Izinhlangano ezilwa nobugebengu emakhaya Isikebhe kanye noVimba zisebenzisana noMnyango weZokuphepha ka-Ngqongqoshe uWillies Mchunu ukulwa nobugebengu emakhaya njengoba umphakathi ubhekene nezinqinamba zokwebiwa kwemfuyo. Ngenyanga ephelile lezi zinhlangano kade zinemicimbi ehlukene ukuzobonga ukuphela konyaka ka-2015.
Ngokusho kwabaholi balezinhlangano inhloso enye yalemicimbi bekungukuzobonga amalungu kanye nomphakathi jikelele ekubambisaneni kwabo enyakeni odlule. Baphinde bathula nezinhlelo ezintsha ukuqinisekisa ukuba umphakathi Kwa-Zulu Natala usizakala ngobuningi bawo ekulweni nobugebengu.
Inhlangano yeSikebhe yasungulwa eNquthu endaweni yaseNcepheni ike, yabhekana nezinqinamba ezibucayi njengoba ibikade izititinyela yona izigilamkhuba.
U-Wonderboy Kunene ongunobhala walenhlangano uthe “ukusebenzisana no Ngqongqoshe uMacingwane kusisize kakhulu ngoba asisazititinyi izigilamkhuba kodwa sesisizinikela nqo emaphoyiseni ukuba zibhekane nengalo yomthetho.”
Uhlelo luka Mchunu olubizwa nge-CCPA (Community Crime Prevention Association) luhlanganisa zonke izinhlangano ezizinze emphakathini ezilwa nobugebengu ukuba zisebenzisane no-SAPS ngokusemthethweni ukulwa nobugebengu emakhaya. Umholi kaVimba endaweni yaseSandlwane esebenzisana no-SAPS uthe likhona icala eligijima ezinkantolo zaseNqutu lapho abasolwa ababili beboshelwe ukugqekeza isitolo sase Sandlwane, bantshontsha inani lemphahla elilinganiselwa ku-R8 000.
Uphinde waveza ukuthi uVimba usebuyisele imfuyo eyibiwe kubanikazi abaningi.
Uthi bakwazile nokubonisa umphakathi ukuthi endaweni yaseMahalaba ngaphansi koMsinga kuyangenwa njengoba idume ngokuthi akungenwa ngenxa yokuntshontshwa kwemfuyo.
Ukujoyina lezizinhlangano kubiza imali encane kanti futhi abaholi bazo, bathi inqinamba ebhekene nomphakathi ukuba umphakathi ujoyine ukuze bekwazi ukwenza umsebenzi wabo.
Kulonyaka uVimba neSikebhe bathi bazimisele ngokungenelela ezikoleni zaKwa-Zulu Natala ukulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nobunye ubugebengu obenziwa ngabafundi ezikoleni.



