‘Ikati lilele eziko’ kokaThabethe
Intatheli yethu inikele khona ukuyozibonela isimo sakulelikhaya.
Njengoba udaba lokushaywa kuka Xolani Revival Khumalo (14) waKwa-Grace eNquthu, beluhlobaniswe nesimo sokuphila kwabo emndenini. Uthi lomndeni uzizwa ubukelwa phansi ngabaholi emphakathini. Intatheli yethu inikele khona ukuyozibonela isimo sakulelikhaya.
Lo mndeni unamalungu ayishumi kanti akekho osebenzayo. Izakhiwo zalomuzi azikho esimeni sokuhlala abantu abaphilayo, umkhukhu abalala kuwona ndawonye uzimbobombobo phezulu ophahleni . Umama walelikhaya uveze ukuthi izingane zabo azinazicathulo neyunifomu yesikole ecacile, imali yesondlo sabantwana ivalekile, kanti ngaphakathi endlini ‘kunuka indlala’.
U-Alex Thabethe (47) ongubaba walelikhaya, uthi sebeneminyaka behlala kulendawo yakwa-Grace kodwa baphila ngokucela komakhelwane ngoba indawo yabo iphethwe iqembu elithile lezepolitiki okungaphikiswana nalo.
Uthi undeni loyo owayengu Meya wae Mzinaythi uKhansela mangiseni Yengwa wayebathembisile ukuthi bazothola indlu yomxhaso kodwa abazi ukuthi kwagcina kwenzekani.
Umama walelikhaya yena uNelisiwe Nonkululeko Khumalo bathe, “ngenkathi kubhaliswa izindlu akekho umuntu owayenepasi ekhaya, kanti futhi akekho owayezimisele ngokusisiza ngaleso sikhathi, “saze sasizwa uthisha omkhulu wase Ntshangase Primary School ukwenza amapasi.
Abantu izindlu banazo manje thina silendele ukubhalisa futhi” kusho uNelisiwe. Uqhube wathi kulomkhukhu abahlala kuwo ‘bazofela’ khona noma kuthiwa izulu liyaduma sebejwayele ukuthi bazolala emanzini kunakale izinto zabo.
Ziyandlondlobala izimo ezifana nalezi lapho abantu bebonakala bedla imbuya ngothi emphakathini waseNingizimu Africa.
Lezimo ziphuca abantu amalungelo abo okuphila kanye nokulingana nokwabelana umbuso wezwe, njengelungelo lokuba nomuzi, kubonakala sengathi angeke ziphele uma kusabonakala izindlu zomxhaso zinikezelwa kwabanazo ngobuningi ekubeni kukhona imindeni ehleli ngaphandle njengokaThabethe.
Abantu abahlwempu kubonala kuyibona ‘abashaywa indiva’ futhi abahlukunyezwa kakhulu umphakathi okanye nguhulumeni ngokwezidingo zomphakathi.
Uthini umbono wakho: “Ingabe uhulumeni wenza okwenele ukulwa nendlala kanye nobubha ngakini?”
Thumela umlayezo kumakhala ekhukhwini wakho, UMbono Wakho ku-0787181827
Mfundi wephephandaba lethu nawe ungawenza umehluko usize umfundi abenekhaya elifudumele lapho ezofunda khona ngokukhululeka nokuzizwa engumuntu owamukelekile emphakathini, uma ungathanda ukufaka isandla usize ukwakhela imindeni eswele, ukuthengela izingane umfaniswano wesikole, ukuthengela imindeni eswele ukudla noma ukunakekela nokukhombisa uthando ngendlela ethize emphakathini.
Sicela ushayela intatheli kulenombolo- 0787181827



