Okhubazekile usekhathele ukuhlala kwisihlalo sabangasekho
Wagcina ngokuthola isihlalo esibhedlela, waphinda kamuva wasizanyelwa ikhansela lakhe uZikode kwa-Ward 17, kanti njengamanje useneminyaka engaphezu kwemihlanu engenaso isihlalo ngoba esibhedlela kuthiwa azikho.
U Neli Betty Khoza (41) odabuka Kwa-Grace eNquthu wakhubazeka emva kokugula esemncane. Uthi impilo yakhe ibucayi ngaphandle kwe-Wheel chair.
Wagcina ngokuthola isihlalo esibhedlela, waphinda kamuva wasizanyelwa ikhansela lakhe uZikode kwa-Ward 17, kanti njengamanje useneminyaka engaphezu kwemihlanu engenaso isihlalo ngoba esibhedlela kuthiwa azikho.
Uthi usehlala egade ukuthi uzosebenzisa imali yakhe yempesheni athenge isihlalo esisala kogogo basendaweni asebashona, kodwa uthi lokho kuyamuhlukumeza kakhulu ngoba futhi usekhathele yilezihlalo.
Ngokusho kwakhe uthi umama wakhe wamtshela ukuthi waphathwa izibhobo eminyakeni eyisiShiyagalolunye wagcina ngokukhubazeka ezinyaweni impilo yakhe yonke kodwa ngenhlanhla uNkulunkulu wamubusisa ngezingane ezimbili.
Isifiso sakhe ukuthi osomabhizinisi bendawo noma uhulumeni amuxhase ngesihlalo esisha ngoba uzibona enguhlupho emndenini nakomakhelwane bakhe njalo uma bemugquba ngebhala. uNeli ungumuntu onekhono kwezokuhweba kodwa uthi okukhulu angakujabulela ukuthi athole noxhaso ukuze athuthukise ibhizinisi lakhe lezinkukhu kanye nokutshala engadini.
” Nkosiyami angidingi mali, ngicela noma ukuxhaswa ngokudla kwezinkukhu nezinto zokusebenza engadini. Nge-Wheel Chair sengahluleka kunye nekhansela asitholi sizo” kusho uNeli.
UMndeni wakhe onamalungu angu-14 uphila ngemali yakhe yesibonelelo sikahulumeni ngoba akekho osebenzayo. Uthi usebenzisa yona lemali ukondla uMndeni, ukubhadala izindleko zebhizinisi lakhe kanye nezindleko zosizo aluthola komakhelwane bakhe uma esele yedwa ekhaya.
Uthi phambilini wayenakekelwa umama wakhe owashona ngonyaka ka-2000, emva kwalokho kubenzima ukuphila engasekho, kanti onompilo bendawo bake bamusiza kanye engadini kodwa abasafuni ukubuya futhi.
Indodana kabhuti wakhe u-Ayanda Sangweni (21) uthi “u-anti ungumuntu ophila nabantu futhi othanda ukuya phambili ngempilo kanye nempumelelo, sifisa asizakale ngesihlalo ngoba esikhona asinamasondo kanti futhi uhlezi ematasa ezama impilo. Lapha ekhaya sondliwa nguye ngemizamo yakhe.”
Ongumakhelwane u-Siginyi Nyoka (35) uthi uhlala emsiza uma kungenamuntu omulekelela ngakudingayo. Inhloso kaNeli akafisi ukuba yinhlekisa kuloludaba kodwa ushaya ikhwela kubo bonke osomabhizinisi bendawo ukuba bamuxhase ukuze athuthukise ibhizinisi lakhe enze impilo ibencono emndenini wakhe.
Uma uthanda ukufaka isandla shayela iNtatheli yaleili Phephandaba kulenombolo-0787181827. Kanti nombono wakho ungawuthumela nge-SMS uzoshicilelwa ePhephandabeni lakho ngeviki elizayo.
Umbono wakho ngeviki elendlule
Ngicela ukuphawula ngodaba lwakwa Grace: Yebo amakhansela kumele asize imindeni entulayo;Kodwa izikhathi eziningi,abantu bayabumema ububha. Uma umuntu engasebenzi uzizalelani izingane eziyishumi? Njengoba bengenalo ngisho ipasi! Sekumele bawanikwe uhulumeni nawo amapasi?Ngabe batshalile sona i-Spinach nje engadini? Noma babheke ukuphiwa. Sonke sihluphekile bakwethu,sazabalaza sifuna imfundo ukuze impilo ibe ngcono.Mina nje,ngiyasebenza,kodwa nganele ngabantwana ababili.




