Intuthuko namathuba omsebenzi komama
Abanye abafundi bathi bathokoze kakhulu ngoba kufana nokuthi bazuze isinkwa esingapheli semindeni yabo.

Ngeviki elandulela elendlule ngolwesithathu kwaklonyuliswa omama baseNquthu kwa-Ward 15 abayishumi nesishiyagalombili kanye nowesilisa oyedwa ngezitifiketi zokufundela ukuthunga eMthashane TVET College emva kokuphothula izifundo zokuthunga kulelikolishi ebezithathe izinyanga ezintathu kusuka ngo-November wonyaka ophelile.
Umcimbi wokunikzelwa kwezitifiketi zabo ubuhlelwe ngaphakathi eMthashane, uhanjelwe iKhansela lika-Ward 15 uMnuz Rapelang Motloung, umphathi wekolishi uMnuz, Buthelezi kanye nothishela uNks Nene.
UKhansela Rapelang uthe lolu ngusuku olukhulu lapho bejabulela ukuthuthukiswa kwamakhono ikakhulukazi omama.
“Akugcini lapho sekumele nihlangane nenze ibhizinisi, sizonixhasa nikwazi ukondla imindeni yenu ithembele kini” kusho uRapelanga.
Labafundi bathe banethemba elikhulu lokuthi bazohweba ezikoleni eziseduze nabo ngokuthunga umfaniswano wseikole ngoba jengoba banikezele ngemifaniswano mahhala ezikoleni ezahlukene ngenakthi beqeqeshwai.
UMphathi wekolishi edlulisela amazwi akhe okuvalelisa abafundi ubonge ikhansela kanye nabafundi ngokubambisana ababenakho, wase eqguqguzela abafundi ngokuthi bangakweyi lokho abanakho elinganisa ngokuthi akekho umuntu onemali eningi ukudlula omunye.
“Ngijabule kakhulu uma kuphumelala omama ngoba ukuthuthukisa omama kufana nokuthuthukisa isizwe,” kusho uMnumzane Buthelezi ongumphathi we Mthashane TVET College.
Umfundi obeyinxenye yalomvuzo uMasibisi Mbatha (25) ongumama wabantwana ababili esigodini saseMathambo, uthe kwakuyiphupho lakhe ukufundela lomsebenzi kodwa engazi enzeni wase isizwa ikhansela.
“Kwakunzima kubuhlungu sisafundela e-Blood River abantu besihleka bengaboni ukuthi siphokophelephi sabekezela,” kusho uMasibisi.
Abanye abafundi bathi bathokoze kakhulu ngoba kufana nokuthi bazuze isinkwa esingapheli semindeni yabo.



