UNgqongqoshe uletha ithemba kubafundi eNquthu
UNgqongqoshe uphinde wanikezela ngezingubo kubazali.
Injabulo ibibhalwe ebusweni bomphakathi wakwa-Ward 14 eNquthu ngeviki elandulela elendlule ngenkathi kuhambele uSekela Ngqongqoshe wezokuThutha kuZwelonke uNkk Sindisiwe Chikunga.
Ngokusho kwakhe uthi wabizwa yikhansela uSthembiso Buthelezi owengamele iWadi emlandelela ukuba azobona isimo esimuncu esidalwa ukwehla kwezinga lokuphasa kwabafundi base-Ekucabangeni Senior Secondary School ngenxa yezimo ababhekana nazo emakhaya.
USekela Ngqongqoshe ufikele kuso lesikole wanikezela ngezicathulo zesikole kubafundi abangu-100 waphinda wabanikeza nezikhwama zokuphatha izincwadi zesikole kanye nezintwana zosizo lokuqala.
Phakathi kwalabafundi kunikezelwe abanye ngezingubo kanye namaphasela okudla kulabo bafundi abangenabazali. Abafundi bakulesikole babhekene nezinqinamba ezilukhuni, zokuhlukumezeka, kanye nobuphofu.

Kutholakala ukuthi izinga lokuphasa lehle ngamazinga aphezulu kusuka ku- 66% ngonyaka ka-2014 kuya ku-34% ngonyaka ka-2015.
UNgqongqoshe ugqugquzele abafundi kakhulu ukuba bangavumeli ukuhlupheka kuphazamise ikusasa labo. Uthe lokhu bangakweza ngokuthi bahlukane nezidakamizwa ngoba wabashiya endleleni abazisebenzisayo ethi, abalutho namuhla.
UNgqongqoshe ulinganise ngaye ethi, “wakhulela endaweni yasemaplazini lapho kwakungekho muntu owayengacabanga ukuthi angaba nekusasa eliqhakazile, kodwa wakwazi ukuba uNgqongqoshe phansi kwazo zonke izimo wayebhekane nazo”.
Ungakapheli unyaka u-Deputy Minister of Transport uSindisiwe Chikunga uyabuya ukuzophakela abafundi ngolwazi olungabasiza i-Career Guidance, kanti futhi ushiye ehlelele abafundi bakulesikole uhambo lokuvakashela isikhungo esikhulu samabhanoyi ukuze bafunde ngezokuthutha namathuba abangawasebenzisa ukufeza amaphupho abo.
UThishanhloko walesikole,uMnuz Mdladla ubonge iKhansela noSekela Ngqongqoshe ngokushintsha izimpilo zabafundi, njengoba lesikole sithwele kanzima.
Ongumfundi kamatikiletsheni uHloniphile Mavundla uthe uNgqongqoshe wenze usuku lwabo lwehluka kunsuku zonke “Ngiyabonga kakhulu, ngiswele umlomo oyizinkulungwane, kubonga uMnuz Mdladla”.
UNgqongqoshe uphinde wanikezela ngezingubo kubazali.



