Impi yamazwi kowezokuthutha eNquthu
Abagibeli bahambe ngezinyawo ibanga elingalinganiselwa ku-1km.
Abagibeli bebhasi laseMondlo abangabasebenzi edolobheni lase-Nquthu bathathane phezulu ngamazwi baphinde baxolelana nomkhandlu wemboni yamatekisi i-Nquthu Pioneer Taxi Transport Co-oporative ngoLwesithathu emva kokuba lemboni ivimbe ibhasi abayigibelayo ngesikhathi santambama.
Abagibeli bahambe ngezinyawo ibanga elingalinganiselwa ku-1km.
Kade sishubile isimo saholela ekutheni ngoLwesithathu abagibeli bebhasi bafike emakhaya ngobumnyama ngoba kube ngumzukuzuku bephikisana nabemboni ngokuthi bekungamele bavele bavimbe ibhasi bengaziswanga ngesikhathi bazilungiselele.
Abemboni yamatekisi nabo bathi bekungewona umsebenzi wabo ukuba bazise abagibeli bebhasi ngesimo esiqhubekayo, lokho bekumele kwenziwe abaphathi bebhasi.
Ongusomabhizinisi embonini yamatekisi eNquthu uMnuz Mabaso ophinde abeyinduna yomzila obheke eMondlo kulenkulumompikiswano,uphoqeleke ukuba abize usihlalo wemboni yaseNquthu jikelele ukuba ezoxazulula isimo nabagile kade bemi madlodlombiya emgwaqeni ngaphandle kwedolobha endaweni yaseZinkondlweni befunga begomela ukuthi angeke bagibele itekisi ngemali yabo.
Usihlalo we-Nquthu Pioneer Transport Coporation uMnuz Ndlovu uzifikele mathupha ukuzoxazulula isimo, kodwa abagibeli bebengazwisisi ukuthi kungani uma kuxabene ubendle embonini bese kuhlukumezeka bona.
UMnuz Ndlovu ukucacisile ukuthi leli yiphutha labaphathi bamabhasi ngokuphula isivumelwano, wase ephinda eveza ukuthi izingxoxo zizoqhubeka ngoLwesine zokuxazulula isimo kodwa amabhasi angeke asebenze kuze kufikwe esiphethweni sodaba, wase ethembisa abagibeli ukuthi abaholi baseMondlo bazohlelela ukuba babahambisa kanjani ekhaya, emva kwalokho behlise imimoya.
Ngokulandelela ngoLwesine emhlanganweni uMnuz Ndlovu uthi azange balubhade abaphathi be-Mondlo Bus Service kodwa bathumele wase uyahlehliswa umhlangano ngoba loludaba ludinga bona. Ngenxa yezikhalo zabagibeli i-Nquthu Pioneer Transport Coporative inqumele lemboni nabagibeli ugwayi katiki ukuba amabhasi aqhubeke nokulayisha ngenkathi kusaqhubeka izingxoxo.
“Thina nabantu bakithi sixatshaniswa iNdiya elenza izinto ngale kwesivumelwano. Amabhasi awasahambi emzileni wesivumelwano, asengena ngaphakathi emalokishini, emgwaqeni awasalayishi ezitobhini zawo kodwa asema noma kuphi njengamatekisi kanti futhi nezikhathi ahamba ngazo akusezona lezi esasivumelene ngazo.”
Kusho uNdlovu eveza izivumelwano eziphulwe imboni yamabhasi, uphinde waveza ukuthi sebebona namabhasi abangawazi alayisha ezikoleni kuthiwe awezingane kodwa aphinde abonakale elayishe abantu abadala futhi. uthi lesimo sibahlukumeza kakhulu embonini ngoba bona banquma ukuthi usomabhizinisi ngamunye embonini ufaka itekisi eyodwa emgwaqeni.
Umgibeli webhasi ongumsebenzi eNqutu uDade Khumalo (42) ukuqinisekisile ukuthi amabhasi asaqhubeka ahamba ngokohlelo njengoba babephakamisile isicelo sabo ku-Ndlovu.
Uma kuvinjwa ibhasi angeke sifike emsebenzini. Bona mabalungise inkinga zabo kodwa bangalwi ngathi siyacela.” kusho uDade ophinde wakuphikisa ukuthi ibhasi ayisabathathi esitobhini.
Omunye wabagibeli ngoLwesithathu uphakamise ukuthi kunganjani ukuthi imboni ihlele ukuthi abagibeli bebhasi basebenzise amatekisi ukubhadala amakhophoni kodwa imboni inciphise imali abangayibhadala ngenyanga “lokho kuzohlomulisa thina sizwe esimunyama’, uNdlovu ubonakale emamatheka kakhulu ethi “yazi wayishaya emhloleni ngathi ubusuwazi ukuthi lolo daba siphezu kwalo eMgungundlovu no-SANTACO (South African National Taxi Association Co-Operative), uma luphumelela wonke umgibeli odinga ikhophoni uzosebenzisa iKhadi elithize lokugibela elikhokhelwa ngenyanga.” zibe seziputshuka kanjalo ezisesithangameni, lolu uhlelo olungalindeleka noma nini ukuba lusebenze embonini yezkuthutha jikelele.



