Bazozitika ngamathoyizi ojahidada eNquthu
Kuqopheke umlando endaweni yaseMphondi, kwa ward 7, ngaphansi komkhandlu waseNquthu.

Kuqopheke umlando endaweni yaseMphondi, kwa ward 7, ngaphansi komkhandlu waseNquthu.
Inhlangano engenzi nzuzo inikele ngomtapo wamathoyizi lapho ojahidada bezovulelwa badlale khona. Lenhlangano ebizwa ngoTraining and Resources in Early Education, (TREE) banikele ngalesqukathi enkulisa yaseMphondi.
Lokhu kwenzeke ngomhlaka 10 March 2016, lapho umphakathi wawuphume ngezinkani esimeni sesizulu elalina kodwa waba ngofakazi bokuvulwa kwalesakhiwo. Echaza ngenhloso yokuhlangana loyo owayemele abakwa TREE uNksz. Teressa Ngobese, uthe, bayinhlangano engenzi nzuzo ukuqinisekisa ukukhuliswa ngokomqondo wengane.
” Sifisa ukubamba iqhaza ekukhulisweni kwawo wonke umntwana simlungiselele ukuthi uma esefika esikoleni ebe esekulungele ukufunda. Kunomehluko omkhulu phakathi komntwana obehamba inkulisa naloyo ongayihambanga. Oke waqala enkulisa uyashesha ukubamba eskoleni nasezifundweni wenza kahle”.
Ethula inkulumo yosuku umeya waseNquthu umhlonishwa ukhansela uEN Molefe ukhuthaze ukusebenzisana ukuze loluhlelo lungabinazo izinkinga. Wethembisa umphakathi ukuthi bewumkhandlu bazolweseka loluhlelo uma kunesidingo bazofaka isandla nabo.
Wakuqaphela ukuthi umphakathi uyawudinga umtapo wolwazi wabe esethembisa umphakathi ukuthi uzobonisana nasebenzisana nabo ukuthi akukhoni abangakwenza. Wancoma ukusebenza kohlelo luka Operation Sukuma Sakhe ukuthi lusizile ukuba loluhlelo lwethulwe kulendawo. ‘Siyacela ukuba umphakathi uyivakashele i-war room luningi usizo olutholakala khona.
Lo mcimbi ubusiswe ngokubakhona kweNkosi yesizwe sakwaMolefe iphelezelwa uNdunankulu wayo uMnumzane Motloung. Inkosi Molefe ichazele umphakathi ukuthi loluhlelo akulona olukahulumeni kodwa elomphakathi.
“Thina siwubuKhosi bakwaMolefe siyafisa ukuba inthuthuko ifike kubo bonke abantu. Ukube isimo sezimali siyavuma ngabe zonke izigodi zithola intuthuko efana nale. Njengoba silwethula loluhlelo sifisa ukuba nonke enilapha nibe yiso nisivikele. Nibike nanoma ubani ocabanga ukwenza ubugebengu.
Sifisa ukubonga kakhulu kulabo abasinikelele sibonge nababambe iqhaza ekwakhiweni kwalesisakhiwo’.
Inkosi uMolefe iphinde yacela umphakathi ukuthi ufunde ukuzenzela ungagoqi izandla. Yanxusa intsha ukuba iwasebenzise amathuba nanoma ngabe mancane kangakanani ksasa kuyovela amakhulu. Inkosi yabagxeka kakhulu laba abacekela phansi izakhiwo uma bengagculisekile.
Yacela ukuba kuxoxwe kungabikho izinto ezizoshiswa uma kukhona ukungaboni ngaso linye.
Lomcimbi wawuhanjelwa izikhulu eziningi okubalwa ikhansela lewadi ukhansela uShabngu, izinduna kanye nabeminyango ehlukene owezemfundo nowokuthuthukiswa komphakathi.







