communityCommunity galleriesGalleriesLocal newsMunicipalNews

Kuzothathwa izinyathelo ezinzima nge ‘Zinyokanyoka’

Umkhandlu wase Ndumeni uthi usukhathazekile ngezinga lokuntshontshwa kuka gesi kulelidolobha.

Umkhandlu wase Ndumeni uthi usukhathazekile ngezinga lokuntshontshwa kuka gesi kulelidolobha. Lo mbiko uvele ngenkathi kunomhlangano wokwethulwa kohlelo lwentuthuthuko edidiyelwe olwaziwa nge (IDP) kanye nohlelo lohlahlomali (Budget). Lo mhlangano ubulapha ehholo lomphakathi eSibongile ngomhlaka 18 April uhanjelwe izakhamuzi zakwa (Ward 4 no 5).
Osabambe njenge Menenja yesikhashana yomkhandlu, uNkk Bonga Mkhize uzwakalise ukudabuka nokukhathazeka ngezinga athe, ‘ugesi untshontshwa ngawo’ eNdumeni. “Ngenxa yokuntshontshwa kuka gesi umkhandlu usulahlekelwe imali elinganiswa ku R28 million. “Lemali ngabe iyona esiletha ngayo ama- project ukuze umphakathi uthole amathuba omsebenzi, ” kusho uNkk Mkhize.
OngusoMlomo kulomkhandlu, uKhansela Siduduzo Mdluli, utshele umphakathi ukuthi njengoba abanye bomphakathi bethi loluhlahlo mali aluveze intuthuko yakwa (Ward 5). Ube esethi uMdluli amathuna amadala eSibongile akwa (Ward 5) akekezelwe kabusha ngemali elinganiselwa ku R1million sekuhlanganiswe nezindleko zokuvuselela kabusha uthango emva kokuba licekelwe phansi yilabo abangenandaba nalendawo yabathandiweyo.

UMnuz Mdluli uphinde waveza ukuthi eGlencoe eSithembile kwavunyelwana ngokuthi kumele kwakhiwe i- Multi- purpose Centre ezobiza R4 million. KwaNkosi Sithole kuzokwakhiwa ihholo lomphakathi elizobiza R4 million.

Endaweni lapho kugijimela khona amahhashi lendawo iyathuthukiswa ngo R3million. Indawo ebizwa ngo- Mcphail drive izothuthukiswa ngo R3million. EDlamini Village, Forestdale kanye nase Craigside kuzoqala ukwakhiwa kwezindlu ezingu 639.

UNkk Zulu unxuse umphakathi ongakwazi ukukhokhela ama-rates kanye nabantu abadala ukuba babhalise kwamasipala ukuze bazothola uxhaso.
Uveze nokuthi, nezikweletu zabangakhoni ukukhokha kanye nabantu abadala sezisuliwe.
“Abantu abeze ngobuningi bazobhalisa ukuze bathole uxhaso lwama-rates nogesi,” kulanda uNkk Zulu.Abanye bomphakathi bakuvezile ukuthi abalutholi uxhaso uma beya kwamasipala. USomlomo uMnuz Mdluli, uthe loludaba luzolandelwa ukuze lulungiswe.USomlomo ubuye waveza ukuthi eSibongile Buffer Strip kwa (Ward 2) kuzofakwa ugesi izindlu ezingu 250 lokhu okuzodla imali engaphezulu kuka R3million, eBusi Wasbank ku (Phase 2) eKameelkop (kwa Ward 1) kuzofakwa ugesi izindlu ezingu 24 okuzodla imali engaphezulu kuka R2 million.
Kwa (Ward 3) kuzofakwa ugesi izindlu ezingu 50 okuzodla ngaphezulu kuka R3 million.
Isiyonke imali ezofaka ugesi ingu R10 million. Umphakathi nawo ubenezikhalazo ngezinto ezithize eziyintuthuko.

UNkk Mkhize uthe kulonyaka ka2016 kuya 17 bazimisele ngokuthi umkhandlu uthole umbiko ongenachashaza uma sekuhlolwa amabhuku. Uqhube wathi uNkk Mkhize uhlahlomali (budget) yase Ndumeni ingu R286 million kanti izindleko zomkhandlu zingu R262 million.
UNkk Mkhize uveze ukuthi ama -rates azokhuphuka ngo 8%, ukuqoqwa kwenkunkuma kuzokhuphuka ngo 7,5%, ugesi uzokhuphuka ngo7.64%.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button