Injabulo benikwa amatayitela ngu Ndunankulu
UNdunankulu ekhuluma nomphakathi eSithembile, uthe ujabule kakhulu uma esebona lendawo isiyindawo enhle yokuncebeleka.
Kuqopheke umlando ngenkathi izakhamuzi eNdumeni zihlomula ngama tayitela emva kweminyaka engaphezulu kuka 20 lezakhamuzi zilindile. UNdunankulu wakwa Zulu- Natal, uMnuz Senzo Mchunu, ubehambisana no Ngqongqoshe wezeZindlu, uMnuz Ravi Pillay.
UNdunankulu utshele umphakathi obugcwele ithende eSithembile ukuthi ngenkathi ekhankasela ukhetho olundlule eSibongile, akathandanga ukubona izibaya zezinkomo emphakathini Uthi okaMacingwane wabe esenza isiphakamiso kumakhansela ukuthi lendawo kumele yenziwe ibe yinhle kususwe nalezibaya.
UNdunankulu ekhuluma nomphakathi eSithembile, uthe ujabule kakhulu uma esebona lendawo isiyindawo enhle yokuncebeleka. Uphinde wazwakalisa ukunganeliseki ngodaba lwezindlu zase Dlamini Village. “Loludaba selunesikhathi eside ngibazi kabanzi abantu base Dlamini mayelana nodaba lwezindlu, ugesi kanye nezindlu zanagasese,” kulanda uMnuz Mchunu. Nodaba lokwakhiwa kwamahositela kabusha, uthe uMancingwane nalo liyamkhathaza enhlizinyweni yakhe njengoba namanje lungakalungiswa.
Okuhlalukile maqondana nalezindlu zika hulumeni (RDP) ukuzuza izindlu kwezingane ezincane ezihlala ngazodwana. Abaningi balezingane bathi baqashile, abanye bathe bagadile ngoba abanikazi bengekho. Lokhu akwehlanga kahle ku Ndunankulu. Kube sekunikezelwa ngama tayitela kumphakathi wase Sithembile kanye ne Forestdale. Kuma tayitela angu 287 obekumele anikezelwe kubanikazi, angu 14 kuphela amatayitela akhishiwe ngenxa yokungatholakali kwabanikazi bawo.
Umphakathi ube usudonswa ngendlebe ukuthi ungalokothi udayise lezindlu ngoba uhulumeni ubakhele mahhala. Nomunye wabaholi eGlencoe uMnuz Pravesh Bisram, utshele ithimba lika Ndunankulu ukuthi indawo yase Glenridge -eGlencoe ayinakiwe, kusukela eminyakeni eminingi endlule.
UMnuz Bisram ukhalaze ngamanzi, ugesi, izindlu zangasese kanye nokuswelakala kwezindlu. UNgqongqoshe uPillay uthe loludaba kumele lulandelwe ngokushesha.



