communityLocal newsNews

‘UHlokomela’ noshintsho kwezokuthutha

Inhloso yalomkhankaso ukugqugquzela ukuphepha emgwaqeni kanye nokuqinisekisa ukuthi abaqashi babo okungabagibeli bamatekisi bahlala bephephile ngaso sonke isikhathi.

Inhlangano engaphansi kophahla luka SANTACO (South African National Taxi Association Cooporatives) uHlokomela ithi lukhulu ushintsho eluhlongozwayo embonini yezokuthutha futhi olunye ushintsho lwenzeka kakhulukazi ukunqanda izingozi zomgwaqo. Lokhu bakuveze ngoLwesihlanu ngenkathi bekhande isivimba mgwaqo eNquthu kuBabanango Road maduze nelokishi. Bebehambisana no-SAPS, amaphoyisa omgwaqo kaZwelonke nakaMasipala akhona eNquthu kanye nabaholi bama-Region kaHlokomela ahlukahlukene okubalwa, uThukela, UMzinyathi, uLundi kanye neMajuba. Lo mkhankaso ohlongozwa nguHlokomela ebambisene nalezinhlaka zikahulumeni emgwaqeni, bekungokokuqala wenziwa eNquthu phansi koMzinyathi kanti uzondlulela phambili kwamanye ama-Region.
Inhloso yalomkhankaso ukugqugquzela ukuphepha emgwaqeni kanye nokuqinisekisa ukuthi abaqashi babo okungabagibeli bamatekisi bahlala bephephile ngaso sonke isikhathi.
Ngolwesihlanu isivimbamgwaqo sasimisa zonke izimoto kubhekwa ukuthi abashayeli basayilandela yini imithetho yomgwaqo futhi basayibhadala yini intela kanye nokuthi amatekisi awalayishi ngokweqile . Loluhlelo alugcinanga emgwaqeni kodwa lube seludlulela phambili eRenkeni elidala laseNquthu lapho ithimba lika Hlokomela lifike lahlola ukuthi ngabe abashayeli, abagibeli kanye nabadayisi baphathene kanjani emsebenzini. Kugqugquzelwe ubudlelwano obuhle phakathi kwabo. Kuxwayiswe abashayeli no-Que Marshal babo ukuba baqinisekise ukuphatha kahle abagibeli ngokuba yibona o-Bass babo. Baphinda baxwayisa abagibeli ngamalungelo abo ukuthi bangalayishwa ngokweqile etekisini futhi uma benesikhalo noma isiphi banelungelo lokusidlulisela kubaphathi beRenke yamatekisi ukuze loyo ophule umthetho aqondiswe izigwegwe.

ntutaxi2 (Large)
Leaders of Operation Hlokomela pausing at a roadblock on the Nquthu/ Babanango Road which they used to encourage taxi drivers to employ better ‘road attitude’.

Usihlalo weNquthu -Pioneer Taxi Association uMnuz, Ndlovu uthe ‘akube khona ukunakekelana ezimotweni, emgwaqeni, kuhlonishwe umthetho. “Noma singabonanga lutho namuhla kodwa sinxusa ukuphepha,”kulanda oKa GatsheniUqhube wathi ,uHlokomela ulethe ushintsho embonini futhi uhlala usebenza ukunqanda ukuphindaphinda kwamaphutha awodwa ngabashayeli kanye nokungaziphathi kahle kwabo njengokungahloniphi abagibeli.
UMusa Dlomo okhulumela uHlokomela eMzinyathi ophinde abe nguSihlalo weMatimatolo Taxi Association, uthe u-SANTACO uzala uHlokomela, uyinhlangano emele imboni yamatekisi. Uqhube wathi, bayakuqinisekisa ukuthi bazohlala bekhona kuzivimba mgwaqo ukuqinisekisa ukuthi abagibeli baphephile. UVusi Vivian Cele okhulumela uThukela, nonguSekela Sihlalo we-Mtshezi Taxi Association, uthe banakekela ngendlela ezehlukene njengokusiza ogogo ngezidingo nasezikoleni.
UNkk NJ Khumalo okhulumela Amajuba ophinde abenguNobhala weNtuthuko Taxi Association ubonge uSANTACO wathi wenze okukhulu wafaka abesifazane embonini.’
“Sikhona siyasebenza futhi siyalalelwa kakhulu sicela nomphakathi usondele sisebenzisane,” kusho uNkk Khumalo.
UMnuz Masondo okhulumela amaphoyisa oMgwaqo kaMasipala uthe ‘izingozi zinjenje nje yingoba amalunga omphakathi awazimisele ngokunikela izinto ezenziwa osikhwili siphambana nobhoko emthethweni.’
UHlokomela ukuqinisekisile ukuthi ziphelile izingozi ezidalwa amatekisi kodwa ezisele sezidalwa amaloli kanye nezimoto eziphazamisa amatekisi emgaqweni. Into edala lokho ukuthi abashayeli bamatekisi bafundisiwe ukuba behlise isivinini kanti abanye abashayeli abafundisiwe.

ntu3 (Large)
Okunye okufundiswa abashayeli bamatekisi, ukugqoka kahle nokuziphatha kahle bangakhulumi nomakanjani.
Abagibeli bathi basaphethene kahle ngabashayeli, kanti u-Queue Marshall wase Mvunyane uZwane uchaze, abagibeli njengabantu abalungile kodwa ngamaholidi badibana nezinkinga zamanzi amponjwana noma ukulahleka kwezimpahla kodwa zitholakale wase ethi mabaqhubeke beziphathe kahle ‘nisithande njengoba sinithanda.’
UCele uxwayise abadayisi ukuba bangadayiseli abashayeli utshwala emaRenke ngoba lokho kufana nobuthakathi futhu kungadala ukuthi umshayeli adale ingozi emgwaqeni.
UMakhumalo wakwa Zwane esigodini saseZixole odayisayo, uthe uzizwa ejabule ngoba ubengazi ukuthi babalulekile njengoba benokuphatheka kabi. “Kodwa siyabekezela yize abanye abashayeli beza ne-Stress sabo besidelele, mina ngicela sihloniphane sibekezelelane ngoba wonke umuntu une-Stress sakhe,” usho njalo..

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button