Ebebeshonelwe bangahle bahlomule ngendlu
UMnuz Singh usazoxhumana nehhovisi lika Meya eNdumeni ukuze kuvunyelwane ukuthi kuzoqalwa nini ukwakha i-foundation.
UGogo wentombazanyana encane uSilindokuhle Khoza ongcwatshwe emavikini ambalwa endlule ngosomabhizinisi bendawo kanye noMkhandlu wase Ndumeni, angahle ahlomule ngendlu. Emva kokuba labo somabhizinisi abaholwa ngu Mnuz Preshu Singh, behlabeke umxhwele isimo senhlalo kaGogo ahlala ngaphansi kwaso epulazini laka Kunene eSibongile.

Uthi, uMnuz Singh ngokubona ukuthi bahlala endlini yodaka, ube esexhumana nozakwabo, bavumelana ukuba kumele bakhelwe indlu engcono yokufihla ikhanda.
UMnuz Singh usazoxhumana nehhovisi lika Meya eNdumeni ukuze kuvunyelwane ukuthi kuzoqalwa nini ukwakha i-foundation. Nabanye osamabhizinisi abafuna ukufaka isandla bavumelekile.



