communityLocal newsNews

Uvalelwe umholo odla imishanguzo

UZama usephila ukusizwa ngumakhelwane ,uNeli Khoza (40) ophila nokukhubazeka ngokuba amuphe okuya ngasethunjini.

Owesifazane eNquthu, uphila ngaphansi kwesimo esibucayi, udla imishanguzo yesifo sofuba endaweni yaseNkande kwa-Grace. UZama Princess Mthethwa (32) wavalelwa impesheni yakhe yokugula, sekunzima ukudla amaphilisi angu-30 ngosuku, usehlala ngokulala .UZama uthi udinga kuvulwe umholo wakhe wokugula ukuze azothenga ukudla ukuze akwazi ukudla amaphilisi.
UZama usephila ukusizwa ngumakhelwane ,uNeli Khoza (40) ophila nokukhubazeka ngokuba amuphe okuya ngasethunjini.
Sekuyisikhathi eside uZama egula ngenxa yesifo sofuba, uya eThekwini, njalo ngenyanga ehamba ngebhasi kahulumeniyasesibhedlela ukuyolanada amaphilisi. Phambilini odokotela bamugunyaza ukuba ahole impesheni yanqamuka ezinyangeni ezendlule.
Ngokusho kwemibiko kithiwa uZama ngenxa yokudla amaphilisi engadlile sekumandisele, isifo sokuwa, i-BP, isifo samathambo kanye nezinye. Umzimba wakhe usukhandlekile kakhulu. Uzama washonelwa abazali bakhe, uhlala yedwa vo. Umakhelwane wakhe uthi isihlobo sakhe asaziyo sizidlela amponjwana futhi asina sikhathi sokumuvakashela. Uphinde waveza ukuthi uyamuwashela aphinde amuqashele abafana bamukhelele amanzi.

“Ngiphatheke kabi ngoba nekhansela lendawo alizihluphi ngokuzombona. Ngeviki eliphelile ngamfica uZama exova udaka esitsheni ngoba efuna ukuludla andlalele ngalo imishanguzo esiswini,” kusho uNeli Khoza ekhala.

INtatheli yaleli Phephandaba esebenza nomsakazo womphakathi i-N-COR Fm emva kokusakaza loludaba lube seluthinta imiphefumulo yabalaleli baseNquthu. Udaba lufinyelele kwi Siyamthanda -Support Group okuyinhlangano elwisana nezifo ezingalapheki nokucwaswa kweziguli ibe isixhumana noSodolobha woMkhandlu WaseNquthu uKhansela Emley Molefe onikele nge-grooser kuZama ngoLwesibili ntambama. Umholi walenhlangano uMama Mpondomi, uveze ukuthi babhekene nenselelo enkulu ngobs kuqashwa oNompilo abangenandaba nezimpilo zabantu kodwa ababheke imali.
Lokhu ukuveze emva kokuba simubuze ukuthi onompilo basebenza kanjani.
UMama Mpondomi, ugcizelele ngokuthi onompilo kumele bahambele umuzi nomuzi, beqinisekise ukuthi abantu baphila kanjani. INtatheli yethu iyaqhubeka ukuxhumanisa uZama ukuze avuselele impesheni aphile impilo encono.
“Ngihlulwa amazwi okubonga, ngijabule kakhulu,” kusho uZama eqiwe injabulo.
Phambilini sasixhumane noKhansela Zikode wabika ukuthi akabikelwanga ngaloludaba kodwa emva kwalokho sifice ukuthiuKhansela Zikode akazange azihluphe ngokuvakashela uZama noma limthumelele onompilo. UNeli ukhalaze ngokuthi alibanakile ikhansela labo.
Sicela kubafundi bePhephandaba kuma kukhona ofisa ukufaka isandla ashayele kulenombolo – 078 718 1827.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button